
UDa Cruz uphawula ngamaphutha adliselayo kaPetersen
Phezu kokukhathazeka ngokulimala okuhlasele iKaizer Chiefs, enye yezinto okungenzeka zimlalisa obenyoni umqeqeshi uFernando Da Cruz amaphutha kanozinti u-Brandon Petersen.
Ukaputeni ongunonozinti wokuqala weqembu, uPetersen usedliwe amabhola abebukeka engawavimba kalula ngasekuqaleni kwale sizini.
Kodwa noma kunjalo, uDa Cruz uthi usakholelwa kulo nozinti osedume ngelikaNtshebe ebholeni.
Ekhuluma nabezindaba eChiefs Village eNaturena ngoLwesithathu, uDa Cruz uvikele uPetersen.
Lo mqeqeshi waseFrance uthe uPetersen wawenza amaphutha nangesizini edlule.
Nokho, uthi igalelo lakhe eqenjini alikwazi ukunganakwa.
UFernando Da Cruz uphinde waveza ukuthi usekhulumile no-Brandon Petersen ngalezi zinkinga ngempelasonto edlule.
“UPetersen naye wenza amaphutha ngesizini edlule, kodwa waba nesizini enhle,” kusho uDa Cruz.
“Watholela iqembu amaphuzu amaningi. Ungukaputeni wethu futhi siyamethemba.
“Ngiphinde ngakhuluma naye ngale ndaba kule mpelasonto edlule.”
U-Brandon Petersen ugxekwe kakhulu ngemuva kwamaphutha emidlalweni neRichards Bay, iMamelodi Sundowns neGolden Arrows.
Nokho, uFernando Da Cruz akabonakali efuna ukwenza ushintsho kunozinti wokuqala.
IChiefs izobhekana neSiwelele eDobsonville Stadium ngeSonto, kanti kuyacac aezintini kuzobe kusekhona yena uPetersen.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
