Bafana BafanaEzintsha

UMiddendorp uzifake zaphelela kuBroos ngakusho ngoMosimane

U-Ernst Middendorp usebenzise umbhalo wakhe onesihloko esithi “Leadership Means Knowing When to Step Aside” ukuphendula uHugo Broos ngemuva kokuphawula kwakhe ngoPitso Mosimane.

Kulo mbhalo awushicilele kwiLinkedIn, uMiddendorp uthi uyayihlonipha impumelelo kaBroos, ikakhulukazi indlela akhulise ngayo iBafana Bafana. 

Kodwa akavumelani nendlela akhulume ngayo ngomqeqeshi ongase amlandele.

Uthi enye yezinto uBroos aziqhenya ngazo wukugcina ukuzimela ekukhetheni abadlali.

“Inkulumo kaBroos ibonakala sengathi enye yezinto aziqhenya ngazo wukwakha ukuzimela ekukhetheni abadlali…

“Nokwenqaba ukungenelela kwezimenenja zabadlali nabanikazi bamakilabhu,” kubhala uMiddendorp.

Nokho, uMiddendorp uthi uBroos wenze igxathu elikhulu lapho esuka ekuxwayiseni ngokungenelela waze wahlulela uMosimane.

“Kodwa-ke wenza kakhulu, esuka ekutheni ‘lokhu kungenelela kukhona’ wathi ‘uma kufika uPitso, iNingizimu Afrika ibuyela emuva ngeminyaka emihlanu.’ 

“Lokho akuseyona nje inkulumo eyisixwayiso ngohlelo. Sekuwukwahlulela uPitso Mosimane,” kuqhuba yena.

UMiddendorp uthi yilapho inkulumo kaBroos igeje khona futhi iba yinkinga khona.

“Asikwazi ukwazi inhloso yakhe ngaphandle kokuthi yena ayichaze,” kuqhuba uMiddendorp. 

“Kodwa kunamathuba amaningi. Kungenzeka ukuthi uzama ngempela ukuvikela lokho akholelwa ukuthi wakha eminyakeni edlule.

“Lokho ukuzimela, isizukulwane esisha, ukuzinza nokungaphazanyiswa yimibono yangaphandle.

“Uma umqeqeshi ophumelele eshiya umsebenzi, kulula kakhulu ukucabanga ukuthi, ‘Ngiyazi ukuthi yini eyenze lokhu kwasebenza, futhi uma beshintsha imigomo engayakha, bazokulimaza’ 

“Lokho kuyaqondakala ngokomqondo, kodwa akusho ukuthi sekumele kwahlulelwe othile esidlangalaleni.”

Okubaluleke kakhulu, u-Ernst Middendorp uthi u-Hugo Broos akakavezi ubufakazi bokuthi uMosimane angavumela kanjani izimenenja zabadlali nabanye babe nomthelela ekukhetheni kwakhe iqembu.

“Okubaluleke kakhulu ukuthi uBroos akakavezi ubufakazi bokuthi uMosimane uzovumela kanjani ukuthi babe nomthelela ekukhetheni kwakhe. 

“Lokhu kubikwa njengokukhathazeka noma ukusola kukaBroos, hhayi njengeqiniso eliqinisekisiwe ngoMosimane.”

UMiddendorp uphinde abuze ukuthi kufanele yini umqeqeshi osesukayo agxeke umuntu ongase amlandele.

“Ingabe umqeqeshi osephumile kufanele agxeke umuntu ongase angene esikhundleni sakhe? Mina ngithi CHA.”

Uthi uBroos ubengakhetha ukunikeza iseluleko esakhayo.

“Umqeqeshi olandelayo weBafana kufanele azimele,” kuchaza uMiddendorp. 

“Kuzoba nengcindezi evela emaqenjini, kwizimenenja zabadlali nakwezinye izinhlangothi. 

“Ukuvikela igunya lomqeqeshi kwezemidlalo kubalulekile.”

UMiddendorp uthi ukusho ukuthi ukuqokwa kukaMosimane kungabuyisela iNingizimu Afrika emuva ngeminyaka emihlanu kweqa umugqa.

“Ukuthi empeleni ‘qokani uPitso bese nilahlekelwa yiminyaka emihlanu’ kweqa omunye umugqa. 

“Kubeka ingcindezi kulo mqeqeshi olandelayo ngaphambi kokukhetha kwakhe kokuqala, ukuqeqesha kwakhe kokuqala noma umdlalo wakhe wokuqala.”

U-Ernst Middendorp weluleke uMosimane ngokuthi akadingi ukungena empini yamazwi no-Hugo Broos ngalokhu akushilo ngaye.

“Impendulo enamandla kakhulu kaMosimane kungenzeka kube ukungaphenduli nhlobo. 

“Kungabi nampi kwiTwitter. Angamhlaseli. Angakhulumi nhlobo ngoBroos siqu sakhe. Angazami ukuvikela igama lakhe.”

UMiddendorp uthi uma uMosimane ebuzwa yizintatheli, angavele aphendule kalula.

“Ngiyayihlonipha impumelelo kaHugo Broos. Umsebenzi wami, uma ngiqokwa, wukuqhubekisela iqembu phambili.”

Uthi lokho kungakhombisa ukuvuthwa kobuholi.

“Lokho kukodwa kungakhombisa into ebalulekile: ukuvuthwa kobuholi,” kusho yena.”

UMiddendorp ugcina ngokuthi uBroos ufanelwe ukuhlonishwa ngempumelelo yakhe, kodwa kufanele azi ukuthi iqembu akuseyona elakhe.

“UBroos ufanelwe ukuhlonishwa kakhulu ngalokho akuzuzile. 

“Kodwa ukushiya ngendlela ephumelelayo kusho nokwazi ukuthi iqembu akuselona elakho.”

Uthi umqeqeshi angakwazi ukuvikela imigomo ayakhele iqembu ngaphandle kokubukela phansi umuntu ongase athathe isikhundla sakhe.

“Ungakwazi ukuvikela imigomo yakho futhi uxwayise ngezinkinga ezikhona ohlelweni.

“LOkhu ungakwenza ngaphandle kokubukela phansi esidlangalaleni umuntu ongase angene esikhundleni osishiyile.”