EzintshaKaizer Chiefs

UMotaung Junior uphawula ngekusasa likaDa Cruz kwiChiefs

U-Kaizer Motaung Junior usephumele obala waphawula ngekusasa lomqeqeshi weKaizer Chiefs uFernando Da Cruz obhekene nengcindezi enkulu.

Kuvele izikhalo kublandeli, bethi lo mqeqeshi kumele akhonjwe indlela afika ngayo kulandela ukuwashiswa kweqembu ijezi kwiCAF Confederation Cup.

Nokho umqondisi wezemidlalo kwiChiefs, uMotaung Junior, uthi ikilabhu ngeke ithathe izinqumo ngokugajwa yimizwa ngemuva komphumela ongemuhle.

UMotaung Junior ukhiphe isitatimende eqinisekisa ukuthi basameseka ngokuphelele uFernando Da Cruz nethimba lakhe labaqeqeshi.

“Sithanda ukuqinisekisa ukuthi simeseka ngokuphelele umqeqeshi nethimba lonke labaqeqeshi. Sisaqhubeka nokubathemba,” kusho uMotaung Junior.

Lesi sitatimende siphume ngesikhathi ingcindezi kuDa Cruz ikhula. 

IChiefs ibingakaze iwine emidlalweni emine ilandelana ngaphambi komdlalo neRed Arrows, kanti bekunezinkulumo zokungagculiseki ngaphakathi ekilabhini.

U-Kaizer Motaung Junior uncome ukuzinikela nokusebenza kanzima kwethimba labaqeqeshi eliholwa uFernando Da Cruz, ethi ukuzimisela kwalo ukuthuthukisa iqembu nsuku zonke akungabazeki.

Uphinde waveza ukuthi, yize umphumela ungahambanga ngendlela ebebeyifuna, abadlali bakhombise ukulwa enkundleni naphezu kokulimala okubakhungethe.

Ugcizelele ukuthi impumelelo ayilinganiswa ngomdlalo owodwa noma ngomqhudelwano owodwa kuphela. 

Uthi ikilabhu ibone inqubekela phambili kwezinye zezinto ezibalulekile ohlelweni lwayo lwezemidlalo.

“Umsebenzi wethu akukhona ukuholwa imizwa kuphela uma kunomphumela ongemuhle. 

“Kumele senze ukuhlaziya ngokucophelela, sigcine uzinzo futhi sithathe izinqumo ezihambisana nesu lethu,” kusho yena.

U-Kaizer Motaung Junior uyavuma ukuthi abalandeli badumele, kodwa uthi izinga elilindelekile kwiChiefs lisalokhu liphezulu.

Uvale ngokunxusa abalandeli ukuthi babumbane kunokuba bahlukane.

“Lesi yisikhathi sobunye, hhayi sokwehlukana. Siyawethemba umsebenzi owenziwayo, siyabethemba abantu abaholayo.

“Futhi sikholelwa ekutheni izisekelo ezakhiwayo namuhla zizoletha impumelelo efanelwe abalandeli bethu,” kuphetha yena.