EzintshaOrlando Pirates

UZulu uchaza ngokuvikisa uChaine ihlazo koweKruger

Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates uSbangani Zulu usekhulume ngomklomelo wakhe wokuqala woMdlali oVelele kusukela efikile kuleli qembu.

Lo mdlali – ohlanganisa iminyaka engu-23 namuhla ngoLwesine – uphinde wabonga abalandeli bamaBhakabhaka ngothando asebelukhombise kuye.

UZulu ubengomunye wabadlali okumangazile ukusayinwa kwabo yiPirates ngoJulayi.

Ujoyine amaBhakabhaka esuka kwiRichards Bay FC lapho ebengomunye weziqongqwane emuva.

Ithuba lakhe lokudlala livele ngemuva kokulimala kukakaputeni uNkosinathi Sibisi.

U-Sbangani Zulu ulibambe ngezandla zombili leli thuba futhi usephenduke intandokazi yabalandeli be-Orlando Pirates muva nje.

Ukudlala kahle kwakhe kubonakale kahle emdlalweni neKruger United kuleli sonto.

Uqokwe waba nguMdlali oVelele ngemuva kokuthi iPirates ibhaxabule iKruger United ngo-4-0.

“Ngijabule kakhulu ngokuthola lo mklomelo ngoba kungokokuqala kwenzeka kimi,” kusho uZulu.

“Ngithanda ukubonga amajita ngokungikhuthaza nangokungeseka ngazo zonke izindlela.

“Ukube bekungewona umsebenzi weqembu, besingeke sikwazi ukubavimba.

“Bebesicindezela, ngakho bekumele sengeze umzamo,” kuchaza uZulu.

“Bekumele sidlale kahle ukuze sithole amaphuzu amathathu futhi singangenelwa goli.”

UZulu uphinde wenza izimanga, evikisa unozinti uSipho Chaine ihlazo lokudliwa yibhola ngendlela engeyinhle ekhipha ibhola seleqa umugqa.

“Kuleso simo, ngibone uSipho eya epalini lokuqala,” kuchaza le nsizwa. “Ngibonile ukuthi ipali lesibili belingavikelekile.

“Ngakho ngiye kulo, kwenzeka ukuthi ibhola lakhe ulingqofe laqonda khona.”

U-Sbangani Zulu uphinde wakhuluma ngothando aluthole kubalandeli be-Orlando Pirates, ethi selumenze washeshe wazinza.

Kuvele kuchwaze u“Zulu!” enkundleni uma ethinta ibhola.

“Ngithanda ukubabonga abalandeli,” kusho yena.

“Selokhu ngafika, bangikhombise ukungeseka okukhulu.

“Uma ngithinta ibhola, uyezwa nje bechwaza. Lokho kuyangikhuthaza kakhulu futhi kungenza ngizizwe ngikhululekile.”