
UCardoso ‘umphumuzile’ uKhulumani Ndamane koweGalaxy
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso unqume ukuphumuza umdlali wasemuva osemncane uKhulumani Ndamane.
Lokhu kulandela ukuvuma kwalo mqeqeshi ukuthi lo mdlali uhlaselwe wukukhathala ngokomzimba nangokwengqondo.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala odlala maphakathi emuva usanda kuba nengcindezi kulandela inqwaba yamaphutha adliselayo.
Iphutha lakamuva likaKhulumani Ndamane liphethe ngegoli ngesikhathi iSundowns inqoba ngo 7-4 ishaya iSiwelele eLoftus Stadium ngempelasonto.
Kodwa-ke, esikhundleni sokugxeka lo mdlali esidlangalaleni, uCardoso umvikelile.
Usole imidlalo ethothelene ebhekene naleli qembu lakhe, wathi yiyo efaka ingcindezi nokukhathala.
“Yebo, kuyacaca ukuthi ukhathele, lokho kucace bha,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo wangoMgqibelo.
“Akagcini nje ngokukhathala ngokomzimba, kodwa ukhathele nangokwengqondo.”
Lo mqeqeshi uphinde wachaza ukuthi imidlalo elandelana eduze iphazamise ubukhali bukaKhulumani Ndamane uma kuthathwa izinqumo enkundleni.
Njengoba ukulimala, ukumiswa nokukhathala sekuqala ukuzwela, uCardoso ubonakala ezimisele ukuvikela abanye babadlali bakhe ababalulekile.
Ibophele kanje iGalaxy: Tape – Motaung, Mncwango, Xulu, Zulu – Mbunjana, Maduna, Mahlambi, Mvelase – George, Letsoalo
Ebhentshini: Maseti, Mahlangu, Ngwenya, Letsoenyo, Moletshe. Rantoa, Zindonga, Nkosi, Fisher
ISundowns izihlele kanje: Williams – Mdunyelwa, Modiba, Kekana, Johannes – Mokoena, Lethlaku, Allende – Sales, Santos, Leon
Ebhentshini: Onyango, Ndamane, Lunga, Reisinho, Zwane, Ntsabeleng, Mathews, Rayners, Mothiba
