
UDithejane washiya kabi kwiChiefs, uveza isifiso ngeNaturena
isihlabani seTS Galaxy, uPuso Dithejane, sesigcine siphawulilivalile ngendlela engeyinhle esashiya ngayo kwiKaizer Chiefs.
Uyavuma nokuthi yena nozakwabo wakudala u-Omega Mdaka badedelwa ngemuva kokwenqaba ukuba ngabafana abaqoqa amabhola.
Bobabili babedlala eqenjini leDStv Diski Challenge, kodwa sebebheke ukwenyuselwa eqenjini elikhulu ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
UMdaka ugcine ephelele kwiStellenbosch FC la asephenduke khona isethenjwa emuva kwesokunxele ngemuva kokudayiswa kukaFawaaz Basadien.
UDithejane, oneminyaka engu-21 ubudala, usengomunye wabashayi magoli abahamba phambili kwiBetway Premiership kule sizini.
Ubhoboke ngalesi sikhathi esasingaba yingozi emsebenzini wakhe webhola engxoxweni abe nayo nabe-iDiski Times.
Ukuxoshwa kwiChiefs kwakungenzeka kusho ukuphela kwekusasa lakhe ebholeni, kwazise kwakungenxa yokungaziphathi kahle.
“Ja, kuyiqiniso lokho. Ngahamba ngoba ngenqaba ukuba ngumfana oqoqa amabhola,” kusho uDithejane.
“Saba nomhlangano ngaphambi kokuba sihambe. Akukho ukuqondiswa ubugwegwe okwenzeka.
“Bavele basitshela nje ukuthi kumele sihambe. Sabe sesihamba kanjalo ke nathi.”
IGalaxy yabe seyigxuma imsayina lo mfana, qede yamfaka enqenjini elikhulu kanti ukusuka lapho bekungathi ubonisa iChiefs ukuthi yenza iphutha.
Eminyakeni engaphezudlwana nje kwemibili ekwiGalaxy, usephenduke umdlali omqoka futhi osekuseduze angene naseqenjini lesizwe.
Ubelokhu eshaya amagoli abalulekile, futhi ekuqaleni kwale sizini ushaye amathathu emdlalweni owodwa okokuqala bebhekene neChippa United.
Indlela ayiqale kahle ngayo le sizini isimenze waqokwa waba nguMdlali oVelele wenyanga ka-Agasti.
Ngenkathi evuma ukuthi uzizwa edabukile ngendlela ashiya ngayo eNaturaena, uDithejane uthi lesi sigameko yiso esambeka la ekhona manje.
“Angikwazi ukusho ukuthi ngiyazisola… Sengithuthukile manje, kukhona engikwngezile emdlalweni wami kusukela lapho.
“Mhlawumbe kuzokwenzeka, mhlawumbe ngeke… mhlawumbe ngizophindela kwiChiefs esikhathini esizayo. Kodwa njengamanje, ngigxile kwiGalaxy.”
Kusukela ekugolozeni ukuba ngumfana oqoqa amabhola, kuya ekubeni ngomunye wabadlali abaphambili kwiligi — uDithejane uwubufakazi bokuthi ikusasa kalaziwa.
FUNDA NALA | Kuyathembisa ngeVAR kuleli
Udaba lwakhe luqinisekisa ukuthi nebala kwesinye isikhathi uma omunye umnyango uvaleka, omunye uyavuleka.
Kuye ukuvaleka kowaseNaturena kuvule oweGalaxy angene kuwo qede kwakhanya ebholeni lakhe njengoba manje kuvela ukuthi uqashwe ngelokhozi amapqembu aphesheya.
