
Masilela: UGaston Sirino akanalo ikusasa kwiChiefs
Ingwazi yeKaizer Chiefs uTsepo “Chester” Masilela ayiboni uGaston Sirino elulelwa inkontileka uma kuphela le anayo njengamanje ngoJuni wonyaka ozayo.
UGaston Sirino ujoyine Amakhosi ekuqaleni kwesizini edlule ngemuva kokukhululwa yiMamelodi Sundowns abesehlale kuyo isikhathi eside.
Kodwa uMasilela uthi akaboni lo mdlali wase-Uruguay kukhona okungcono asangakwenzela leli qembu laseNaturena kwazise kuze kube manje akukho vele okutheni akwenzayo.
“Akakaze nhlobo abe nomthelela. Angiyiboni iKaizer Chiefs ivuselela inkontileka yakhe,” kusho uMasilela.
Lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala ubenenkinga yokulimala kusukela efikile eNaturaenna futhi uphhinde athole namakhadi kungenasidingo ngenxa yokuhluthukelwa inhliziyo.
UMasilela ukholwa ukuthi umsebenzi kaGaston Sirino ebholeni elikhokhelayo usua ngokuphela, yize eneyingqwele ngesikhathi ekwiSundowns.
Ngesikhathi ekwiSundowns, unqobe isicoco seligi, eseCaf Champions League, eseCaf Super Cup, eseMTN8, eseNedbank Cup neTelkom Knockout.
Njengoba enomthelela omncane kwiChiefs, ikusasa likaSirino kwiBetway Premiership libukeka lingaqinisekisiwe.
FUNDA NALA | URiveiro uphawula ngengxabano yakhe noSaleng
Uma ededelwa yiChiefs, kuzoba nzima ukuphinde athole elinye iqembu kulesi sigaba kwazise uzobe esedlale emaqenjini amabili amakhulu.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
