
UHugo Broos uqhulule amabhomu ‘ngokuchema’ kwezintatheli
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ukhala ngokusolwa kube sengathi wenze icala elibi uma eshiye abadlali bamaqembu athile.
Lo mqeqeshi ukhwele wadilika ezintathelini zaseNingizimu Afrika, ezisola ‘ngokulwela’ abadlali ezibathandayo.
UHugo Broos ukhulume ngesikhathi enomhlangano nabezindaba ePolokwane ngoMsombuluko.
IBafana ikhempe kuleli dolobha laseLimpopo njengoba ilungiselela ukubhekana neTanzania neMozambique emidlalweni yobungani.
INingizimu Afrika izodlala neTanzania ngoLwesihlanu, ePeter Mokaba Stadium khona ePolokwane.
Izobe isidlulela eLoftus Stadium ePitoli ngoLwesibili la izobhekana khona neMozambique.
UHugo Broos akazange abuzwe ngqo ngeKaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates. Kodwa usebenzisa lesi sikhathi ukuvikela indlela aqoka ngayo abadlali.
Uthe ezinye izintatheli zingabalandeli bamaqembu amakhulu afana neChiefs nePirates.
Ngokusho kwakhe, lezi zintatheli azijabuli uma abadlali bamaqembu eziwathandayo bengakhethwa.
“Nginomuzwa wokuthi ezinye izintatheli zixhumene namakilabhu. Zingabalandeli balawo makilabhu, kusho uBroos.
“Kumlandeli, kunzima ukwamukela uma umdlali weqembu lakhe engakhethiwe.
“Kusuke kungekhona ngokuthi benza kanjani. Kuye kumayelana nokwethembeka ekilabhini yakhe.”
UHugo Broos ukubeke kwacaca ukuthi ukhetha abadlali ngokusekelwe ekusebenzeni kwabo kuphela.
“Yindlela yami engisebenza ngayo. Kwesinye isikhathi kuba amaqhinga,” kuqhuba yena.
“Kwesinye isikhathi umdlali uba ngowesibili noma wesithathu endaweni adlala kuyo.”
Ukholwa ukuthi abamgxekayo basuke bedliwa ubuhlungu benhliziyo ngokuthi abadlali bamaqembu abo abaqokiwe.
“Uma ngilahla umdlali wePirates, kuba yinto enkulu. Uma ngingakhethi mdlali kwiChiefs, kufana nokuthi ngenze ubugebengu obubi.”
UBroos ugcizelele ukuthi inhloso yakhe wukwakha iqembu eliqine kakhulu leBafana.
Uthe akanandaba noma umdlali ungoweChiefs, owePirates, noma oweChippa United.
“Umsebenzi wami ukukhetha abadlali abahamba phambili. Angibheki igama lakhe noma eleqembu asuka kulo,” kuphetha lo mqeqeshi.
