
UMasilela upopola ingozi elengela iDowns ngoCardoso
Ingwazi yeMamelodi Sundowns uJoel “Fire” Masilela isizwakalise ukuphoxeka kwayo ngoMiguel Cardoso ethi akayena umqeqeshi ofanele leli qembu laseTshwane.
UMiguel Cardoso ubhekane nokugxekwa kanzima ngemuva kokuhlulwa kowamanqamu kweSundowns Caf Champions League yiPyramids ngempelasonto.
Ukukhetha kwakhe iqembu eliqala imidlalo namaqhinga akhe kubhekisisiwe kanti abaningi abaythandi indlela enza ngayo.
UJoel Masilela yena ulibeke ngembaba elokuthi uMiguel Cardoso akekho ezingeni lokuthi engasa iSundowns ezingeni eliphezulu kubaleli ekulo.
“ISundowns inokhilimu wabadlali,” kusho uMasilela kwiRadio 2000 ngoMsombuluko ebusuku.
“Kodwa umqeqeshi akazange abasebenzise ngokuhlakanipha. Angicabangi ukuthi uCardoso ungumqeqeshi ofanele iSundowns.
“Akakalungi. Yiqiniso lelo. Bheka ukuthi udlala kanjani. Sesishintshile. Isitayela seqembu asisekho,” kusho le ngwazi.
UMasilela wengeze ngokuthi imibono yakhe ayiqhamuki kokwenzeke emdlalweni wangeSonto nje kuphela, kodwa sekunesikhathi ekhathazekile.
“Besilindele lukhulu kwiSundowns. Ukuhlulwa kwethu akuqalanga nje kulo mdlalo wangeSonto.
“Kuqale emlenzeni wokuqala. Amacebo okudlala abengashayi khona. Indlela okwenziwe ngayo izinguquko ayizange ibe yinhle.
“Abadlali abebengangena benze izimanga bashiywe ebhentshini. UCardoso akayena nje ofanele.”
Ukholwa ukuthi uMiguel Cardoso kufanele akhonjie indlela, kodwa akumele ahambe yedwa.
Unomuzwa wokuthi nomqondisi wezemidlalo, uFlemming Berg naye kufanele ashiye isikhundla sakhe ngoba akayisi ndawo le kilabhu.
“Angifuni ukuzwakala ngathi angimhloniphi uFlemming Berg. Kodwa akalazi isiko leqembu.
“Uphumaphi? Kufanele naye asolwe. Empeleni nje ithimba lonke labaqeqeshi kufanele liphendule ngaloku okwenzekile.
“Akufanele sicheme. Kumele sithembeke. Bahlulekile. Basazophinde basiphox ekanje uma beyekwa beqhubeke,” kuqhuba le nkakha.
Kukholakala ukuthi uBerg nguye owaba nomthelela ekuxoshweni kukaRulani Mokwena, kwathi ngokuhamba kwesikhathi noManqoba Mngqithi kwiSundowns.
UMasilela uthi leli qembu selilahlekelwe yindlela yalo yokudlala ngaphansi kobuholi bukaMiguel Cardoso, futhi kungaba ngcono asheshe adedelwe engakamoshi kakhulu.
“Isitayela sokudlala sishintshile. Sidlala ngokuzivikela kakhulu. Akuyona indlela yeSundowns leyo…
“ISundowns ifana neBarcelona, ifana nePSG… Kufanele sidlale ngendlela ehlaselayo. Yingakho sibizwa ngamaBrazilians.
“Singangenelwa amagoli amabili, kodwa thina kufanele sishaye amane ngemuva kwalokho. UCardoso akakalungeli ukuqeqesha iSundowns.”
