EzintshaMamelodi Sundowns

UKhune uphawula ngoMathews oshwebe uqekelele

Ekhuluma ngemuva kokuhlulwa kweSundowns ngo 2-1 yiPyramids kowamanqamu weCAF Champions League, u-Itu Khune uthe akumele kusolwe uTashreeq Mathews.

Ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 emlenzeni wokuqala obudlalelwa eLoftus Versfeld ngesonto eledlule, iSundowns bekumele isebenze kanzima emlenzeni wesibili.

Ngeshwa kumaBrazilians, iPyramids ikwazile ukunqoba ngo 2-1 ngeSonto eCairo ukuze idle isicoco sayo sokuqala seChampions League.

Amagoli ePyramids ashaywe ngumgadli ongalibheki ipali, uFiston Mayele no-Ahmed Samy.

ISundowns ithole elokubika ekhaya ngonyawo luka-Iqraam Rayners, kodwa ayikwazanga ukushaya elinye ebelizoyenza ompetha ngenxa yomthetho wamagoli asekuhambeni. 

Labo mpetha baseNingizimu Afrika bebenamathuba amaningi okunqoba lo mdlalo. 

Futhi mhlawumbe elingcono kunawo wonke lamathuba liwele kuMatthews, ophakelwe ibhola elihle nguLucas Ribeiro.

Leli bhola lenze lo mdlali ohlaselayo aphume uqekelele, abhekane nonozinti kuphela.

Kodwa uTashreeq Mathews uhlulekile ukulibeka enethini kanti u-Itu Khune uthi akumele asolwe kakhulu ngalokho.

Ngemuva komdlalo, izingxenye zabalandeli ziye ezinkundleni zokuxhumana zagxeka lo mdlali wasophondweni ngokuthi ubalimazile. 

Kodwa-ke, uKhune uthi bekungelona usuku lweSundowns nje futhi akulungile ukusola umdlali othile.

“Sihalalisela iPyramids, futhi sibe sesinxephezela iKa Bo Yellow,” kusho uKhune kuSABC Sport lapho esengumhlaziyi khona.

“Ngicabanga ukuthi kubuhlungu uma ubheka ukuthi bese behambe ibanga elingakanani, futhi bese bedinga igoli elilodwa nje kuphela.

“Kusobala ukuthi wonke umuntu uzobuyela emuva ayosola uMatthews ngaleliya thuba alitholile walishweba ebhekene nonozinti.

“Kodwa futhi, besike sakhuluma ngalokho ukusho ukuthi usemncane kakhulu ngokomqondo. 

“Ukube ubengumdlali ohlukile, ubezokwenza isinqumo esingcono futhi asebenzise leliya thuba ngendlela ehlukile. 

“Ngabe kumanje sikhuluma indaba ehlukile, ngabe sihalalisela iSundowns ngokunqoba le ndebe.”

UKhune, ozakhele igama kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana, ukhale ngokuthi kube yishwa nje leSundowns ukuthi igcine ikhale ngaphansi.

“Bekungadaliwe ukuthi kwenzeke. Kubuhlungu kakhulu. Ikakhulukazi kubalandeli neSundowns nakuwo wonke umuntu othanda ibhola laseNingizimu Afrika,” kwengeza yena.

Abanye abalandeli bakuthole kunzima ukwamukela ukuthi uMathews uqokwe ukuba aqale lo mdlali ngaphambi kukaThemba Zwane onamava. 

ISundowns manje isizogxila kwiFifa Club World Cup ezoqala ngesonto elizayo e-US.