Bafana BafanaEzintsha

UDithejane ube yiqhawe iBafana yenza i-Egypt iminqolo

UPuso Dithejane ushaye igoli elenze i-Bafana Bafana yanqoba i-Egypt ngo-1-0 emdlalweni wobungani obuseCairo International Stadium ngeSonto ebusuku.

UPitso Mosimane wenze izinguquko eziningi eqenjini eliqale umdlalo, ngemuva kokuthi iBafana ishaye i-Eritrea ngo-5-0 emdlalweni wokuhlungela i-Afcon ka-2027.

Lo mqeqeshi uthathe leli thuba ukubona abadlali abebengakatholi ithuba lokudlala emidlalweni emibili yokuhlungela i-Afcon.

EzikaPitso ziqale umdlalo ibhekene nengcindezi njengoba i-Egypt ibiphethe ibhola isikhathi esiningi. 

Nokho, uSipho Chaine ube nomdlalo omuhle epalini, wasiza iqembu ukuthi liye ekhefini zibambene ngo-0-0.

I-Bafana Bafana ithole igoli elibalulekile ngomzuzu ka-51, ngesikhathi uDithejane ebeka iqembu likaMosimane phambili ngo-1-0.

I-Egypt iqhubekile nokuhlasela ifuna ukulinganisa, kodwa ukuzivikela iBafana beyivale kahle emuva. 

INingizimu Afrika ikhombise ukuzimisela kwaze kwaba sekugcineni, yagcina iphumelele ukungangenelwa goli.

I-Egypt iyona ebiphethe ibhola futhi yathola amathuba amaningi, kodwa iBafana ibe yingozi ngesikhathi ithola amathuba ayo.

UMosimane uphinde wanika abadlali abaningi ithuba lokungena enkundleni, okuhlanganisa uShandre Campbell, uKhulumani Ndamane, uTshepang Moremi, uRicardo Goss noYanela Mbuthuma.

Lokhu kube ukunqoba okukhulu kweBafana, ebuye ekhaya inezifundo ezibalulekile ngemuva kokunqoba iGuinea, i-Eritrea ne-Egypt.