
Izigwaza ngowayo iKaizer Chiefs ngekwenza kuNabi – Ertuğral
Owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs, uMuhsin Ertuğral usexwayise lezi ziqhwaga zaseSoweto ngokuhlukana noNasreddine Nabi, egcizelela ukuthi lo mqeqeshi waseTunisia uyayazi into yakhe.
UNasreddine Nabi, oqokwe ngoJulayi 2024 ngemuva kokushiya kukaCavin Johnson, unqobise iKaizer Chiefs iNedbank Cup, wayifaka kwiCaf Confederation Cup.
IChiefs ikhombise ukukhula kule sizini, yize ngesonto eledlule ihlulwe ngo 3-1 yiSekhukhune United no 1-0 yiBacuscorp kwiConfed Cup.
Nokho kuvele ukuthi uNabi uzolishiya iqembu laseNaturaenna, okuyisinqumo u-Ertugral anomuzwa wokuthi asishayi khona.
Esitatimendeni, iKaizer Chiefs ithe: “Umqeqeshi uNasreddine Nabi okwamanje akekho eqenjini njengoba izingxoxo phakathi kweqembu nomqeqeshi zisaqhubeka.
“Lolu wudaba lwangaphakathi futhi ludingidwa ngezinqubo ezifanele.”
Ngaphandle kwalokhu kungacaci kwekusasa likaNabi, u-Ertuğral ukholwa ukuthi ukuhlukana naye manje kuzobe wukutatazela.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“Izinguquko zokuqeqesha azihlali ziletha umphumela olindelekile yize zibonakala njengesixazululo esisheshayo,” utshele iFARPost.
“Ubeseza kahle ekubumbeni iqembu. Bekukhona ithemba. Ngiyazi izinqumo ezinjengalezi azithathwa kalula, kodwa ngicabanga ukuthi ubesawenza kahle umsebenzi.”
FUNDA NALA | Yisiphithiphithi kwiBetway Premiership
Njengoba iChiefs ingashongo ukuthi uxoshiwe noma umisiwe lo mqeqeshi, kuzothatha amehlo ukuthi uzobe ekhona yini ebhentshini emdlalweni olandelayo.
IChiefs izogadulisana neMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu – umdlalo uqala ngo-5.30 ntambama.
