
IGallants isidedele izembe kwinqwana yabadlali
Iqembu leBetway Premiership, i-Marumo Gallants, limemezele ukuthi selihlukene nabadlali abayisishiyagalombili njengoba liqhubeka nokwakha iqembu elisha ngaphansi komqeqeshi uPhuti Mohafe.
UMohafe usanda kujoyina iGallants esuka kwiPolokwane City, lapho efike khona ngenhloso yokwakha leli qembu libe ngelinye laqeda kwayisishiyagalombili aphezulu kule sizini ezayo.
IGallants iphinde yaqoka uPaul Matthews njengomqondisi webhola, kwathi uMusa Bilankulu noTrevor Mathiane bona bajoyina ithimba labaqeqeshi.
Iqembu selimemezele ukuthi selidedele uLebogang Mabotja, uWashington Arubi, uKatekani Mhlongo, uJaison Clifford, uBareng Ledwaba, u-Edson Khumalo, uSiya Nhlapo noLucky Sithole.
Esitatimendeni sayo, i-Marumo Gallants ibonge laba badlali ngomsebenzi, ukuzinikela kanye negalelo labo ngesikhathi beseqenjini.
“IGallants ifisela bonke impumelelo esahlukweni esisha semisebenzi yabo.
“Bayohlala beyingxenye yomndeni weGallants,” kusho iqembu.
- FUNDA NALA | IZamalek ishela umqeqeshi wakuleli
I-Marumo Gallants ayikabamemezeli abadlali abasha ebasayinile ngaphambi kwesizini ka-2026/27.
Leli qembu libe ngelinye lasinde sekubanjwe umoya ezembeni ngesizini edlule kanti libheke ukwenza kangcono ngaphansi kukaMehafe.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
