
UDe Sa uncoma kakhulu iGhana, ungabaza iSouth Africa
URoger De Sa uncome ikhono lebhola e-Ghana ngesikhathi, wabuza ukuthi kungani ibhola lase-South Africa lingakhuli ngamandla ekubeni linezinsiza ezingcono.
Leliphini lomqeqeshi elisanda kuqokwa kwiBlack Stars lithe iGhana isaqhubeka nokukhiqiza abadlali abavelele.
Lokhu ikwenza yize lelizwe lingenazo izinsiza nengqalalasizinda efana nakwamanye amazwe ase-Afrika.
“Liningi ithalente lemvelo lapha eGhana naphezu kwezinsiza ezilinganiselwe,” kusho uDe Sa.
“Njengomthandi webhola lase-Afrika, ithalente elilapha alikholakali.”
Lo mqeqeshi wase-South Africa onamava ukholwa ukuthi abadlali bebhola base-Ghana bayachuma ngenxa yokulambela impilo engcono.
UDe Sa ube eseqhathanisa lesi simo neNingizimu Afrika, wathi ibhola lakuleli linengqalasizinda enhle kodwa lisadonsa kanzima ukukhulisa ithalente lalo.
“Nina mhlawumbe anazi ukuthi eninakho ninakho yize ninezinsiza nengqalasizinda elinganiselwe,” kwengeza yena.
“Nathi eNingizimu Afrika sinethalente, kodwa uhlobo oluhlukile yize sinazo zonke izinsiza. Kodwa alikhuli kahl ithalente lethu.”
Ukuphawula kwakhe kungenzeka kuqubule inkulumompikiswano kubalandeli bebhola baseNingizimu Afrika.
Nokho i-South Africa isanda kubuyela kwiNdebe yoMhlaba isebenzisa iningi labadlali abazinze kuleli kweyokuhlunga.
