EzintshaOrlando Pirates

USibisi akanankinga namakhadi uma nje esiza iBucs

Lo mdlali wasemuva we-Orlando Pirates uzitholele ikhadi eliphuzi ngasekupheleni kwesiwombe sesibili somdlalo weBetway Premiership ngoMgqibelo. 

IPirates inqobe lo mdlalo ebibhekene kuwo neCape Town City e-Orlando Stadium ngo 2-1.

Ibuye kade seyiandela ngemuva ukunqoba lo mdlalo iCity ebingazibekile phansi kuwo. 

UHasheem Domingo ubeke izivakashi phambili ngesiwombe sokuqala, kodwa uTshegofatso Mabasa noGoodman Mosele baqinisekise ukuthi amaphuzu ayasala e-Orlando. 

“Besazi ukuthi kufanele siwulwele umphumela. Ngikhulume nabafana ngaphambi komdlalo ukuthi uma beshaya elilodwa thina singashaya amabili.

“Yinkundla yethu yasekhaya futhi kufanele siyenze inqaba,” kusho uSibisi, oqokwe waba nguMdlali oVelele kulo mdlalo. 

“Bazamile ngesiwombe sokuqala ukusibamba ngokuzumisa. Besilokhu sibalandela ngemuva uma sebesizuma.

“Kodwa sikulungisile lokho ngesiwombe sesibili futhi sabacindezelela engxenyeni yabo, futhi sakwazi ukuthola umphumela.”

USibisi ubuziwe nangekhadi lakhe eliphuzi. Ubambe umdlali weCity ngesikhathi ezama ukuhlasela ngokuzumisa. 

“Ngizolithatha. Ngizolithatha noma nini, ukusiza iqembu. Ngeke sikwazi ukuvumela ukuthi sishaywe ngokuzunywa kanjeya. 

“Ngikhulume nozakwethu ngesikhathi sekhefu ukuthi kufanele senze amaphutha anjena engxenyeni yabo uma kudingeka. 

“Ngakho-ke, uma bezama ukusizuma, ngizolithatha ikhadi noma ngaluphi usuku,” kwengeza lo mdlali odabuka eHowick.