EzintshaMamelodi Sundowns

UTeenage Dladla uveza okwamdubisa umsebenzi kwiSundowns 

Inkhakha yeKaizer Chiefs uNelson “Teenage” Dladla usedalule ukuthi wawudikila kanjani umsebenzi wokuqeqesha kwiMamelodi Sundowns.

Uthi wacikwa yisenze sabaphathi sokuhluleka ukugcina isithembiso sikaPatrice Motsepe, wabona kungcono ashiye phansi. 

UDladla, ongomunye wabadlali bebhola abahamba phambili abakhiqizwe yiNingizimu Afrika, ukhulume nabezindaba ngemuva kokufakwa kwiHall of Fame muva nje.

Engxoxweni yakhe, uDladla uveze ukuthi wachitha iminyaka eyisikhombisa esebenzela izimbangi ezinkulu zeqembu aduma kulo, eqeqesha iqembu lika-Under 13.

Ngemuva kokwenza kahle eqenjini lika-Under 13, uDladla wenyuselwa esikhundleni sokuqeqesha elika-Under 15.

Ngokusho kukaDladla, iholo lakhe kwakumele liphindwe kabili njengokuthembisa kowayengumengameli weqembu ngaleso sikhathi uMotsepe.

“Yebo, ngajoyina iSundowns ngo-2014, futhi ngayishiya ngemuva kweminyaka eyisikhombisa. 

“Ngakhushulwa ngisuka ku-Under 13 ngaya ku-Under 15 okuyilapjo izinkinga zami zaqala khona,” kusho uDladla.

“Ngokusho kukamengameli, uMotsepe, uma umqeqeshi ekhushulelwa esikhundleni sokuqeqesha ibanga elingaphezulu, iholo kufanele liphindwe kabili.

“Ngaya kubaphathi ngababuza, ‘Kodwa mina ngisathola iholo elifanayo?’.

“Bathi ‘Kodwa ngathi wena uzosinika izinkinga. Uzokwenza nabanye abaqeqeshi ukuthi bafune imali eyengeziwe.’

“Ngabatshela ukuthi angikhulumi ngabanye abaqeqeshi futhi yileyo ndlela engayishiya ngayo iSundowns,” kwengeza le nkakha.

UDladla wagcina esekukhunjuzwa nokuthi akazange adlale kwiSundowns mhlawumbe kufanele ahambe ayokwenza izimfuno zakhe kwiChiefs.

“Kwakujwayele ukuthi bathi, ‘Awukaze udlalele iSundowns, kungani ungayi kwiChiefs?’. 

“Ngabe sengithi ‘kulungile, ngiyabonga kakhulu’ ngahamba,” kuchaza uDladla.

UDladla uzwakalise injabulo enkulu ngokuba ngomunye wabangene kwiHall of Fame wancoma umsunguli nosihlalo wamaKhosi uKaizer Motaung.

“Waba njengobaba kimi uma ngifika kwiChiefs, wanginakekela kahle kakhulu. 

“Ngisho nozakwethu kwiChiefs bangamukela ngemfudumalo,” kuqhuba yena.

“Ngisho namanje sisahlangana noMaria Maria (uZacharia Vusi Lamola), Jacky Masike, noBanks Setlhodi sibumbene, siyinto eyodwa.

“Sasinayo leyo nto yomoya weqembu. Ngisho noNeal Tovey, uMark Tovey, sasinawo lowo moya weqembu.”