
UBarker ugubhe ukunqoba umdlalo ka-100 kwiStellies ngePirates
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, uncome abadlali bakhe nephini lakhe uWesley Sergel ngemuva kokunqoba ngo 1-0 kwi-Orlando Pirates e-Orlando Stadium.
Lokhu kunqoba kuphawule ukunqoba kukaBarker umdlalo ka-100 kuleli qembu eligxume laya endalweni yesithathu kwilogi ngalokhu kunqoba.
Lokhu kuwina kuqede umgqigqo wePirates wokungahlulwa emidlalweni yeligi futhi kwenze iStellies yasala ngamaphuzu ayisithupha kumaBhakabhaka asendaweni yesibili.
Igoli likaDevin Titus ngesiwombe sokuqala yilo elithole lo mphumela.
IStellies inqoba nje beyibuye kuleli kusele usuku kudlalwe lo mdlalo wase-Orlando Stadium njengoba kade iseNtshonalanga Afrika.
“IPirates iqale ngamandla, kodwa sazivumelanisa nezimo ngokushesha,” kusho uBarker.
“Ngemva kwemizuzu engu-10, silulungise kabusha uhlaka lwethu lokudlala.
“Sihlehlise uGenino Palace ukuze ayogada u(Relebohile) Mofokeng ukuthi angazenzeli. Lokhu kusisizile.”
Igoli likaTitus, alakhelwe u-Ashley Cupido, liqhamuke ngesikhathi iStellies ihlasela ngokuzuma esiwombeni sokuqala.
UBarker uncome indlela iqembu elivale ngayo emuva ngesiwombe sesibili, okwenze iPirates yahluleka ukwakha amathuba aphusile okushaya amagoli.
“Abadlali bethu bakhombise isibindi nokuzibophezela yize besibe nesonto elinzima,” kusho uBarker.
“Besiphuma ohambweni olude futhi sibhekene neqembu lePirates elizethembayo, umzamo ubumuhle. Icebo lokudlala elihlelwe uWesley Sergel lishaye emhlolweni.”
Bekungokwesine iStellenbosch ihlula iPirates ezinyangeni ezingu-12 futhi bekungokwesibili kulandelana e-Orlando Stadium.
UBarker ukubize ngokuthi “yisikhathi esikhethekile”, uma kubhekwa izimo.
IStellenbosch manje isizobhekisa amehlo ayo emkhankasweni wayo weCaf Confederation Cup.
Izosingatha iRS Berkane yaseMorocco eMoses Mabhida Stadium kule mpelasonto.
