EzintshaMamelodi Sundowns

UMalesela ungcofa ‘eyokukhathala’ kwabeMamelodi Sundowns

Owayengumdlali we-Mamelodi Sundowns manje osengumqeqeshi, uDan Malesela ukholwa ukuthi yizaba nje eyokukhala ngokukhathala kwabadlali kuleli qembu.

Ukuphawula kukaMalesela kuza ngesikhathi i-Mamelodi Sundowns ibhekene nokulahlekelwa yisicoco sayo seBetway Premiership.

I-Orlando Pirates manje isethubeni elihle lokuhlwitha lesi sicoco.

Okusele nej wukuthi ishaye i-Orbit College emdlalweni wayo wokugcina wesizini ngoMgqibelo.

ISundowns yona ibheke ukuqeda le sizini inezicoco ezimbili eseligi neseCaf Champions League.

Nokho umqeqeshi wayo, uMiguel Cardoso useveze ukukhala ngokukhathalelwa abadlali njengesizathu sokuthi bengenzi kahle kwiligi. 

Kodwa uMalesela uthi abadlali baseNingizimu Afrika abasebenzi ngokweqile uma kuqhathaniswa nabase-Europe nakwamanye amaligi amakhulu.

“Mayelana nabadlali abakhathele, angikwazi ukukwamukela lokho,” kusho uMalesela kwiSportsBoom.

“Sidlala imidlalo embalwa kakhulu kunamaligi akwamanye amazwe emhlabeni jikelele, lapho kudlala abadlali ababodwa yonke imidlalo.

Le nsizwa eyayidlala emuva ngezikhathi zayo, ithi iPSL inamaqembu angu-16 kuphela.

Lokhu kusho ukuthi amakilabhu adlala imidlalo yeligi embalwa kunawase-Europe.

“Siyiligi yamaqembu angu-16. Sidlala imidlalo engaphansi ngemine kunamaligi ase-Europe.

“Pho ingabe sithi abadlali bethu abakwazi ukumelana nalokho?” kubuza le ngwazi.

UMalesela ukholwa ukuthi inkinga yangempela ilele ekushintsheni ngendlela abadlali nohlelo lokubhekana nemidlalo.

“Ezweni lethu, senza ihaba ngodaba lokukhathala kwabadlali, futhi kuvele kube yizaba,” kwengeza yena.