
URiveiro uphawula ngokuthola induku okokuqala kule sizini
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosé Riveiro, ugcizelela ukuthi iqembu lakhe alizange lenze kabi yize lihlulwe ngo 1-0 yiStellenbosch ngeSonto.
Ukuhlulwa irekhosi lePirates lokungehlulwa njengoba beyiyinqobe yonke imidlalo eyisikhombisa yokuqala yeBetway Premiership.
Igoli likaDevin Titus ngesiwombe sokuqala liqinisekise ukuthhi Stellies ihamba nawo wonke amaphuzu e-Orlando Stadium.
“Siqale kahle, sakha amathuba ngoThabiso Monyane noDeon Hotto,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Asikwazanga ukuwasebenzisa, ukoma kotshani maphakathi nenkundla kwenze kwaba nzima ukuthi sidlale ngendlela esiyijwayele.
“Bashaye igoli ngesikhathi besihlasela ngokuzumisa beqeda kuthola ibhola kithi. UTitus uliqedele ngobuchule.”
URiveiro uncome ukuzimisela kweStellenbosch kodwa wagcizelela ukuthi iqembu lakhe lilwe kanzima.
“Kuhlezi kuncike ekushayeni amagoli. Balitholile igoli, thina asizange. Bazuze amaphuzu abo ngomzamo omangalisayo. Asikho isimanga ngokuhlulwa kwethu.”
Lo mqeqeshi ugcizelele isidingo sokuqhubekela phambili ngokushesha.
“Kuwukuhlulwa kwethu kokuqala kwiligi. Manje siyalulama futhi silungiselela umdlalo omkhulu ngoMgqibelo la sizobhekana khona ne-Al Ahly.”
IPirates izobhekana nompetha base-Afrika emdlalweni wayo wesibili wesigaba samaqoqo kwiCaf Champions League khona e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.
