
UChaine uveza azokukhumbula ngoTLB Mbokazi kwiPirates
Njengoba uMbekezeli Mbokazi edlale umdlalo wakhe wokugcina kwi-Orlando Pirates ngoMgqibelo, uzakwabo uSipho Chaine useveze azokukhumbula ngaye.
UMbekezeli Mbokazi udlale okokugcina ngesikhathi i-Orlando Pirates inqoba iCarling Knockout Cup okokuqala ngqa ngokushaya iMarumo Gallants.
Inqobe ngo 1-0 wegoli likaRelebohile Mofokeng emdlalweni obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ukuthatha indebe yayo yesibili kule sizini.
Ukumhlonipha lo mdlali osemncane, nguye onikwe igunya lokuqukula indebe yize ukaputeni uNkosinathi Sibisi ebekhona naye enkundleni.
UMbekezeli Mbokazi uzoshiya i-Orlando Pirates aye kwiChicago Fire yase-US ngoJanuwari uma sekuphothulwe i-Africa Cup of Nations eMorocco.
Ekhuluma ngemuva komdlalo wangoMgqibelo, uChaine ubuzwe ukuthi uzomkhumbula ngani uTLB, okuyigama uMbokazi asedume ngalo.
“Yini engizoyikhumbula ngaye? Ukuba khona kwakhe nje egunjini lokushintshela,” kusho uChaine.
“Uyazihlanyela lowa mfana. Uncokola nawo wonke umuntu. Uyikhongco elibaluleke kakhulu eqenjini.
“Ufike kwezwakala, kwacaca eqenjini ukuthi uMbekezeli usekhona. Ngicabanga ukuthi okubaluleke kakhulu wukuthi wenze wonke umuntu wazimisela.
“Wenze wonke umuntu wafuna ukuziveza ubuyena eqenjini – ngicabanga ukuthi yilokho engingakusho.”
FUNDA NALA | IChiefs ibheke ukuKhisimuza abalandeli bayo ngewini
UMbokazi ubengomunye wabadlali abayizinsika zePirates emuva kanti udayiselwe leli qembu le-US Major League Soccer ngemali ebalelwa ku-R50 million.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
