EzintshaKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs isiqashe ‘ozogadela’ uKaizer Motaung umsebenzi 

IKaizer Chiefs isimemezele ngokusemthethweni ukuqokwa kukaBheki Shongwe njengesikhulu esiphezulu sale kilabhu.

Ukuqokwa kwakhe okokushesha njengoba esevele eseqalile ukusebenza. 

UShongwe akamusha kwiKaizer Chiefs. Phambilini uke wasebenza njengoMqondisi Jikelele phakathi kuka-2009 no-2012.

Ubevele eyingxenye yebhodi elengamele iChiefs. IGlamour Boys ikuqinisekisile ukuthi uShongwe usezokwengamela ukusebenza kwansuku zonke kwekilabhu.

Uzobika ngqo kusihlalo uKaizer Motaung nebhodi labaqondisi – okusho ukuthi nguye ozogadela usihlalo umsebenzi wansukuzonke.

IKaizer Chiefs iphinde yaveza ukuthi uShongwe uzosebenzisana kakhulu nezinhloko zeminyango eyehlukene ngaphakathi.

Lokhu kusho ukuthi uzosiza uMotaung ngokuphathwa kwekilabhu kwansukuzonke.

Le kilabhu ikholwa ukuthi isipiliyoni sakhe sangaphambilini nokuqonda okujulile ukusebenza kwayo kumenza efaneleke ukusiza ukuhola iChiefs esikhathini esisha.

“Siyamamukela uShongwe njengoba ebuyela emndenini waMakhosi futhi simfisela impumelelo endimeni yakhe entsha,” kusho ikilabhu esitatimendeni.

Ukuqokwa kwakhe kuza ngesikhathi esibalulekile kwiChiefs njengoba iqhubeka nokwakha kabusha.