EzintshaMamelodi Sundowns

UNuno Santos akakalilahli ithemba – ‘iDowns isaqhwakele’ 

Umdlali weMamelodi Sundowns, uNuno Santos uthi ngeke bakwazi ukukhalela ubisi oseluchithekile.

Uthi abagxile kukho njengamanje wukulungiselela lokho akuchaze njengenselelo yabo enzima kakhulu kule sizini.

AMasandawana alungiselela umlenze wokuqala womdlalo wamanqamu weCaf Champions League ne-AS FAR. 

Aya kulo mdlalo ngemuva kokuhlulwa kabuhlungu yiTS Galaxy ngo 3-2 kwiBetway Premiership ekuqaleni kwaleli sonto.

Lokho kuhlulwa kunikeze i-Orlando Pirates ithuba lokudla isicoco seligi, kwashiya uMiguel Cardoso enengcindezi.

Kodwa-ke, uNuno Santos uthi bona ngaphakathi eqenjini njengamanje amehlo abo asekunqobeni izwekazi.

“Yonke imidlalo inzima, hhayi lona kuphela, kodwa yonke imidlalo edlule yeChampions League beyinzima,” kusho uSantos.

“Siyawazi umthwalo esinawo futhi ngicabanga ukuthi ukugxila kwethu manje sekudlulele emdlalweni weChampions League. 

“Vele sikwazi ukwenza lutho ukushintsha osekwenzekile phambilini.”

Yize kunezingqinamba zakamuva, lo mdlali wasePortugal ukhumbuze ababasolayo ukuthi iSundowns isazihola phambili kwiBetway Premiership.

“Siphezulu kwilogi njengamanje — yilokho esikwaziyo thina,” kuqhuba yena.

“Abadlali, umqeqeshi neqembu njengamanje bafuna ukunqoba le ndebe ukuze sikwazi ukunikeza injabulo kubalandeli bethu.”

UNuno Santos iphinde yavuma ukuthi iSundowns idinga ukulungisa ngokushesha izinkinga zayo emuva.