
I-Orlando Pirates ayiyixegiselanga iTTM – zikhona izinguquko
U-Abdeslam Ouaddou cishe uwubonile umdlalo wangesizini edlule la i-Orlando Pirates yaphoxwa khona yiMagesi FC komunye wemiqhudelwano.
Yingakho lo mqeqeshi evele wabophela iqembu eliqine ngendlela ejwayelekile njengoba ezobhekana neTshakhuma Tsha Madzivhandila.
I-Orlando Pirates yiyo eyizivakashi eMoses Mabhida Stadium emdlalweni womzuliswano wokuqala weNedbank Cup – umdlalo uqala ngo-3 ntambama.
Yize iTTM izidlalela ezigabeni zeSafa eLimpopo, u-Ouaddou akazange ayithathe kancane futhi kuyacaca uzimisele ukudlulela phambili.
Wenze izinguquko ezintathu nje kuphela, kanti olulodwa kuzo luphoqelekile njengoba uLebone Seema emisiwe nje ngenxa yamakhadi aphuzi amane.
Endaweni kaSeema kungene umdlali omusha uMpho Chabatsane okungangabazeki ukuthi abalandeli bakubheke ngabomvu ukumbona.
Olunye uguquko alwenzile lukonozinti njengoba kuqala uMelusi Buthelezi esikhundleni sikaSipho Chaine osebhentshini.
No-Andre de Jong uyawuqala lo mdlalo kanti yena uthathe indawo kaRelebohile Mofokeng esiswini.
Ekhuluma kuleli sonto ngaphambi komdlalo, u-Ouaddou ukubeke kwacaca ukuthi ufuna iqembu lakhe linqobe zonke izindebe elidlala kuzo.
Uze wenza umzekelo ngokuthi abantu sebakhohlwa wukuthi yena wake wadlala owamanqamu we-Africa Cup of Nations neqembu lesizwe laseMorocco.
Uthi lokhu kungenxa yokuthi yize babeyizintandokazi njengoba babedlala ibhola elihle, kodwa bagcina bengayinqobanga le ndebe.
“Yingakho ngihlezi ngitshela abadlali bami ukuthi, ‘njengoba usadlala, yenza konke okusemandleni ukunqoba izindebe ukuze uhlezi ukhunjulwa’.
“Sizozama ukuqhamuka necebo eliqinile ukuze sinqobe lo mdlalo,” kusho lo mqeqeshi odabuka eMorocco.
“Futhi nakanjani ngizobagqugquzela ngayo yonke indlela abadlali bami ngalo mdlalo.”
- I-Orlando Pirates ibophele kanje (4-3-3): Buthelezi – Van Rooyen, Hotto, Sibisi, Chabatsane – Mbatha, Nemjatela, De Jong – Appollis, Moremi, Mbuthuma
- Ebhentshini: Chaine, Sesame, Mariko, Sebelebele, Dansin, Maswanganyi, Mbule, Msendami, Makgopa
