EzintshaOrlando Pirates

Unyawo lwedada? UNodada uvuma ingcindezi yowe-Orlando Pirates 

IDurban City ibhekwe ukuba ifake unyawo lwedada, iphazamise umcimbi uma seyibhekene ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo.

Phela uma leli qembu laseThekwini lingavele livulele induku kwiPirates, kungabe lishiphe kudliwa e-Orlando Amstel Arena.

I-Orlando Pirates njengamanje isisibambe ngesandla esisodwa isicoco seBetway Premiership.

Idinga nje ukushaya iDurban City bese ibekwa njengompetha bakule sizini. 

Yingakho ke uThabo Nodada weDurban City ezwela ingcindezi yalo mdlalo, athi ufike kabi besanda kuphuma komunye obunengcindezi enkulu.

“Ngeke siwujabulele neze lowo mdlalo, ngeke nje,” kusho uNodada ngaphambi kwalo mdlalo.

Lo mdlali wasesiswini uveze ukuthi umangele ukuzwa ukuthi amathikithi adayiswe aphela kusasele izinsuku ngaphambi komdlalo.

“Ngibone irekhodi. Ngicabanga ukuthi bamemezele ngoLwesibili ukuthi amathikithi asephelile,” kuqhuba yena.

“Sesizithola sikule ndawo esikuyo nje njengamanje… yingani kuyithi?” kubuza yena.

“Kungani sithi siphuma kowamanqamu weNedbank Cup bese kungazelelwe sizithole sekuyithi esinganquma ngesicoco esingaka?”

Naphezu kwengcindezi ekhona, uNodada ugcizelela ukuthi iqembu lakhe ngeke lisatshiswe wumcimbi wase-Orlando Amstel Arena.

“Bheka, wumdlalo webhola. Uzoba yimizuzu engu-90. Siya laphaya, sizokwenza konke okusemandleni ethu,” kusho yena.

I-Orlando Pirates yenze isiqiniseko sokuthi abalandeli bayo bazophuma ngobuningi. 

Manje sekubhekwe ukuthi lo mcimbi iwenze nasenkundleni ngokunqoba isicoco seligi okokuqala eminyakeni engu-14.