
UBarker uphawula ngokushiya iChiefs incela izithupha
Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, useohawule ngesiphakamiso sokuthi bahlule izikhondlakhondla zaseNingizimu Afrika iKaizer Chiefs ngokusayina uMtheleli Mthiyane.
UMthiyane odlala esiswini futhi oneminyaka engu-24 ubudala, ujoyine iStellies esuka eqenjini leMotsepe Foundation Championship, iMilford FC.
Selokhu efikile kwiStellies, uMthiyane usebe yisimangaliso futhi wenza kahle kakhulu ngendlela yokuthi usethole uunconywa okuningi.
Emidlalweni eyisithupha ayidlalile kuze kube manje, usehlabe umxhwele ngendlela akwazi ngayo ukulawula isivinini somdlalo esiswini.
Kusanda kuvela ukuthi uMthetheleli Mthiyane ubesohlwini lwabadlali abebehalelwa yiKaizer Chiefs kulandela ukudlala kwakhe ngendlela encomekayo kwiMilford.
UBarker ubuzwe ukuthi ukuthi benze kanjani ukuthi basayine lo mdalli, bashiye iChiefs incela izithupha.
Uveze ukuthi bahlale benza ngokushesha njalo uma bebona ithalente elingakwazi ukufukula iqembu labo libe ngcono.
Uqhube wathi bahlwithe lo mdlali onekhono ngaphansi kwekhala lamanye amaqembu asezingeni eliphezulu aKwaZulu-Natal.
“Bengingazi ukuthi iChiefs nayo beyimfuna kuze kube ngifunda ngakho kuthiwa kushiwo ngobengumqeqeshi wakhe wangaphambili (uMandla Qhogi), ethi simhlwithe kwiChiefs,” kusho uBarker.
“Uyazi ukuthi ngike ngaqeqesha AmaZulu phambilini. Ngabona beyiqembu elibusisiwe ngoba kunethalente eliningi la phambi kwabo.
“Uyazi ukuthi bangaki abadlali abagcina beya eGauteng… Nginesiqiniseko sokuthi AmaZulu ambonile uMthetheleli ngesikhathi edlala imidlalo yobungani neMilford.
“Kukude lapha, asinazo izinhloli zekhona eKZN, sibuka imidlalo yeFirst Division. Sinezindlela zokuthola iminingwane ngabadlali abakhona.
FUNDA NALA | Kuvuka upelepele ogqokweni ngekaTeboho Mokoena
“Uma sesibona umdlali enza kahle, sibe sesimlandelela, siqaphe ukuthi wenza kanjani ngokuhamba kwemidlalo.
“Ngikholwa ukuthi esikwenza kahle wukuthi sisheshe sinyakaze uma sikholwa wukuthi kukhona umdlali esibona ezokwengeza izinga eqenjini lethu.”
