
UCardoso uveza okubambezela ukusayinwa kwabasha kwiDowns
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, usekucacisile ukuthi ukusayinwa kwabadlali kuleli qembu akusona isinqumo sakhe eyena.
Ubephawula ngokusayinwa kukaFawaaz Basadien athi akubanga yisinqumo sakhe yedwa.
Uthi kunalokho, zonke izinqumo ngabadlali abasayinwayo zithathwa ngokuhlanganyela nabaphathi beqembu.
Lokhu kusho ukuthi le kilabhu ezinze eChloorkop seyiyishintshile inqubomgomo yayo yokuthenga abadlali kusukela ngesikhathi sikaPitso Mosimane.
Esikhathini sikaMosimane, konke ukuthengwa nokudayiswa kwabadlali kwakuba yisinqumo sakhe njengoba wayefuna ukuqinisekisa ukuthi usayina abadlali azokwazi ukusebenza nabo.
UBasadien, ofike evela kwiStellenbosch FC, ube ngumdlali wokuqala futhi kusengukuphela kwakhe osayinwe yiSundowns kuleli windi.
Lo mdlali wasemuva kwesokunxele ungene ngomzuzu ka-78 iSundowns ishaya iRichards Bay ngo-4-0 kwiMTN8 eLucas Moripe Stadium ngeSonto.
“KwiSundowns, akuyena umqeqeshi yedwa okhetha abadlali,” kusho uCardoso.
“Abadlali bakhethwa ngokubambisana — umqeqeshi, umqondisi wezemidlalo, ibhodi, umengameli, nosihlalo – bonke bayabandakanyeka.
“Sibheka izinhlobo zabadlali futhi sizame ukukhetha abahamba phambili ekutheni basize ikilabhu.”
UCardoso ugcizelele ukuthi yena ubeka umbono wakhe ngokwamacebo okudlala mayelana nohlobo lomdlali odingekayo.
“Uma kungenzeka kube yisinqumo sami ngedwa, kungenza izinto zihambe ngokushesha, kodwa akunjalo,” kwengeza yena.
“Asifuni ukuchitha izinsiza kubadlali abangahambisani nohlelo lwethu.”
Kusalindeleke ukuthi iSundowns yengeze ngabanye abadlali ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoSeptemba.
