
Elase-Egypt selicabange kabusha ngoPercy Tau
Kubukeka ezophindela e-Egypt uPercy Tau njengoba kuvela ukuthi iziqhwaga zakuleli zwe iZamalek seziphinde zabuya zazongqongqoza kubaphathi bakhe.
Akukhona okokuqala le kilabhu yaseCairo izama ukuheha lo mgadli onekhono, okukhombisa isifiso esijulile sokwengeza ikhono lakhe eliyingqayizivele eqenjini layo.
UTau, oseke wadlala kwi-Al Ahly e-Egypt nase-Europe, sekuyisikhathi emataniswa namaqembu ehlukene kodwa kungenzeki lutho.
Ikhono lakhe elingangabazeki lokushaya amagoli abalulekile kumenza abe ngumdlali ebalulekile kunoma yiliphi iqembu elizogcina limtholile.
Futhi sekucacile ukuthi iZamalek iyakholelwa kakhulu kuye futhi izimisele ngoluthi igcine imtholile ukuzoqinisa ukuhlasela kwayo.
Njengoba seyibuya okwesibili nje, kuyacaca ukuthi kunomlando wezingxoxo phakathi kwayo nalo mdlali weBafana Bafana.
Kodwa mhlawumbe izingxoxo zangaphambilini zehlulekile ukuthi ziphume nesivumelwano.
Njengoba ibuya isibili nje, kucacile ukuthi nekuphethe isandleni ukuzomqomisa ngakho uTau sekuphuculiwe.
Kuleli, uTau uke wamataniswa nazo zombili izinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
Nokho imali akathi engayamukela ukubuyela kuleli ibukeka inkulu kakhulu ukuthi lamaqembu engavuma ukuyidedela kumdlali osekhule njengaye.
UTau wathi engabheka umholo olinganiselwa ku-R500 000 ngenyanga ukuze abuyele kunoma yiliphi iqembu kuleli.
