
UNgezana uveza ubuhlungu okwenze asale kweleBafana
U-Siyabonga Ngezana usegcine ephawulile ngokusala kwakhe eqenjini le-Bafana Bafana eliya kwiNdebe yoMhlaba.
Lo mdlali wasemuva weFCSB eRomania akazange aqokwe nguHugo Broos njengoba kade enezinkinga zokulimala.
Ephawula ngokusala kwakhe, uNgezana ubhale kwi-Instagram ukuthi ube buhlungu, waveza nezinselelo abe nazo.
“Isizathu, isizini, isibusiso noma isifundo. Kodwa ngeke kube wukulahlekelwa,” kubhala yena.
“Kube yisizini enzima futhi enezikhubekiso eziningi njengoba benginobuhlungu edolweni osekuthathe izinyanga eziyisikhombisa manje.
“Ngibalekele ukuyohlinzwa ngoba ngizama ukungasali eqenjini leNdebe yoMhlaba.
“Kodwa ngeshwa izinto azihambanga ngendlela ebengifisa ngayo.”
Uthe manje usezoqhubeka nokuyohlinzwa ukuze kuqale isizini ezayo eseluleme ngokuphelele.
“Ngiyabonga ngokwesekwa engikuthole eqenjini lami iFCSB futhi ngifisela i-Bafana Bafana okuhle kwiNdebe yoMhlaba.
“Nisenze siziqhenye bafana bakithi, bese nibuya nayo ekhaya – ngiyadlala!,” kuphetha u-Siyabonga Ngezana.
IBafana iqhathwe eqoqweni elinosokhaya kwiNdebe yoMhlaba futhi yiyo ezovula lo mqhudelwano ngoJuni 11.
