Ezintsha

Abebezitamuzela amagoli kwiNFD bamataniswa nawePremiership

Abagadli abathathu be-Motsepe Foundation Championship, abebezitamuzela amagoli kulesi sigaba, bangase badlale kwiBetway Premiership.

Ngokombiko weSoccer Laduma uBethuel Muzeu, uRonaldo van Neel noNtuthuko Mlotshwa babukeka bezodlulela esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo.

UMuzeu ube ngumdlali ovelele yize iBlack Leopards igcine idliwe yizembe – ushaye amagoli ayisishiyagalombili. 

Lo mdlali waseNamibia kuvela ukuthi uhalelwa amaqembu ambalwa esigaba esiphezulu.

Kodwa kukholakala ukuthi iSekhukhune United yiyo ephambili embangweni wokusayina lo mgadli.

Lo mgadli oneminyaka engu-26 ubudala ube neLeopards kusukela ngo-2022 futhi ubelokhu evelela kwi-Motsepe Foundation Championship.

Futhi manje njengoba iLeopards yehliselwe ezigabeni zeSafa, uMuzeu uzotholakala mahhala.

Khonamanjalo, umgadli weLerumo Lions, uNtuthuko Mlotshwa, kubikwa ukuthi usendleleni ebheke kwiChippa United. 

Lo mgadli uqede isizini ehamba phambili ngamagoli kwi-Motsepe Foundation Championship enamagoli angu-13.

UMlotshwa ushaye amagoli alinganayo noRonaldo van Neel, yena omataniswa neGolden Arrows esigabeni esiphezulu. 

UVan Neel yena ubedlala kwiHungry Lions kule sizini esongwayo, kanti ubevelele ngokubhakuzisa inethi.