
Okukhathaza uMshini ngaphambi komdlalo weBucs
Umqeqeshi weCape Town City, uMuhsin Ertugral, ukhathazekile ngobuthuntu beqembu lakhe phambili ngaphambi kokubhekana ne-Orlando Pirates.
ICitizens inqobe ngo 1-0 emdlalweni wayo wokugcina nePirates. Nokho baya kulo mdlalo kulandela ukuhlulwa ngo 2-0 yiMagesi neChippa United kulandelana.
U-Ertugral unovalo lokuthi iqembu lakhe lingase lithwale kanzima e-Orlando Stadium okulindeleke ukuthi igcwale phama.
“Inkinga yethu ukuthola amaphuzu. Uma sigeja amathuba, sehlelwa ukuzethemba,” kuvuma lo mqeqeshi odume ngelikaMshini.
Ukholwa ukuthi iqembu lakhe lakha amathuba anele kodwa livele litatazele uma selibheke epalini lezitha.
“Sisakulungisa ukungena kwethu ebhokisini lezitha nsuku zonke ejimini.
“Kodwa abadlali bavele babe nokuzingabaza, baphase noma kungasafanele, futhi benze izinqumo ezingalungile.
“Kufanele sikulungise lokho,” kwengeza yena. Lo mqeqeshi uphinde waveza ukuthi kunezethenjwa zakhe ezilimele.
“Iqembu lethu lincane. UDarwin Gonzalez akekho, kodwa uThami Mkhize yena ubuyile futhi ukulungele ukudalal,” kusho uMshini.
Khonamanjalo, iPirates ibe nethuba lokuphumula njengoba ingadlalanga phakathi nesonto.
Lokhu kungenxa yokuthi umdlalo wayo waphakathi nesonto neGolden Arrows uhlehlisiwe ngenxa yenkundla ebigcwele amanzi.
Yona izobe ingenaye umdlali wasesiswini uKabelo Dlamini osamisiwe.
Kodwa kubuye uThalente Mbatha oshiye isikhala kade engekho emidlalweni emibili edlule ngenxa yokulimala.
UGoodman Mosele naye usephinde waba seqenjini labadlali abangu-18 kulo mdlalo okokuqala kule sizini.
Ulimale ngesikhathi kulungiselelwa isizini kanti ubengekho kwaze kwaba muva nje. Umdlalo uqala ngo 3:30 ntambama.
