Ezintsha

‘Uyalelwe uMdali’ owePSL obeke amakhokho ethala esemncane

Uthi lesi kube yisinqumo esisekelwe okholweni. UDonn ujoyine iSuperSport ngo-2019 esuka kwi-Ubuntu Football Academy. 

Ubonakale njengomdlali onekusasa elihle futhi ubesengqongqoza naseqenjini lesizwe eliholwa uHugo Broos. 

Nokho ngesikhathi uGavin Hunt ebuyela kwiSuperSport, uDonn ulahlekelwe yindawo yakhe eqenjini.

Ngemuva kokudlala imidlalo engu-71 kuMatsatsantsa, ushiye le kilabhu ekupheleni kwesizini edlule. 

Uke wabonakala ejima neTS Galaxy ngemuva kwalokho, kodwa wabe esenyamalala ebholeni.

NgoLwesihlanu, ukuqinisekisile ukuthi useyaliyeka ibhola engxoxweni abe nayo nabePower FM Sports Extra.

“Ngiyekile ngokusemthethweni ukudlala ibhola,” kusho uDonn. “Njengomuntu oneminyaka engu-25 ubudala, angikaze ngikucabange kwenzeka lokhu. 

“Kodwa kuyisinqumo sokholo, hhayi isinqumo sebhola. Akungenxa yepolitiki yasebholeni.”

Ukubeke kwacaca ukuthi isinqumo sakhe aihlangene nokulimala, ipolitiki noma isimo sengqondo.

“UNkulunkulu ubelokhu engihola nomkami kulolu hambo. Ngalokho, sanquma ukushiya ibhola,” kuchaza yena.

UDonn uvumile ukuthi bekungesona isinqumo esilula kodwa ulibheke ngabomvu ikusasa.

“Bekungelula, ngeke ngiqambe amanga. Angizange ngikubone kuza kodwa uNkulunkulu unomusa ngempela.

“Futhi miningi imisebenzi ethokozisayo nemisha ezayo futhi ngiyajabula ukubona ukuthi ngisakwazi kanjani ukuhlala ngixhumene nebhola.

“Ngiwuthanda kakhulu lo mdlalo. Ngakho ngisazoba khona kuwo, ngokuqinisekile. Kodwa okwamanje ngiwagaja emxhakeni amakhokho.”