Ezintsha

UKwayiba angase abuyele eSoweto futhi ngesizini ezayo

Umdlali ophambili weChippa United, u-Sinoxolo Kwayiba angase aphinde athole elinye ithuba lokudlala eqenjini elikhulu ngesizini ezayo. 

Lo mdlali kuvela ukuthi uhehe iKaizer Chiefs neStellenbosch FC kulandela ukwenza kahle kwakhe kwiChilli Boys kule sizini esongwe ngoMgqibelo.

U-Sinoxolo Kwayiba ubuyele kwiChippa United ngoJanuwari 2026 esuka kwi-Orlando Pirates.

Ubekade efike kweZimnyama esuka kuyo iChippa ngaphambi kokuqala kwesizini.

Nokho izinto azimhambelanga kahle, wabe usebuyela ekhaya la efike wabuyela emgqigqweni wakhe, waba yisiqongqane somdlali.

Lo mgadli ube nesandla ekusizeni iChilli Boys ivike izembe futhi iqinisekise indawo yayo kwiBetway Premiership. 

Uqede umkhankaso enamagoli ayisithupha futhi esize ekwakheni elilodwa emidlalweni engu-16 kuyo yonke imiqhudelwano.

Manje ukudlala kuka-Sonoxolo Kwayiba kubukeka sekudonse ukunakwa ngamanye amakilabhu.

Umqeqeshi weChippa, uBrandon Truter ukuqinisekisile ukuthi kukhona izicelo ezikhona ngalo mdlali.

“Ngikholwa ukuthi kukhona izicelo ezikhona etafuleni ezivela kwabafuna uKwayiba,” kusho uTruter.

“Kwisizini entsha besingathanda ukugcina abadlali bethu abahamba phambili.

“Kodwa amakilabhu adinga imali, futhi uma kuvela isicelo esihle emalini, yini engenza singemukelwa?”

UTruter uthe uma u-Sinoxolo egcina ngokuhamba, bazovundulula abanye abadlali kwinkulisa yeqembu ukuvala isikhala.

Kuyacaca ke ukuthi u-Sinoxolo Kwayiba uzoba ngomunye wabadlali okuzokhulunywa ngabo kakhulu ezinyangeni ezizayo.