
UMosimane uphawule ngendima kaMofokeng kwiBafana
U-Pitso Mosimane useqalile ukuhlahla indlela entsha. Lo mqeqeshi weBafana Bafana uphume iqhubu no-Relebohile Mofokeng njengomdlali angase akhele phezu kwakhe iqembu lakhe.
Uthi lo mdlali oneminyaka engu-21 ungomunye walabo abethembayo kunalokho obekwenziwa ngumqeqeshi wangaphambilini.
UMofokeng usevele ukhombisile ukuthi angadlala ezindaweni ezehlukene.
Kwi-Orlando Pirates wayedlala ophondweni ngaphansi kukaJosé Riveiro.
U-Abdeslam Ouaddou wamsusa, wamfaka kuNombolo 10. NoHugo Broos wamsebenzisa kule ndawo kiwBafana.
Kodwa u-Pitso Mosimane ubona okunye — ikhono lokudlala izindawo eziningi ngempumelelo.
Ukubonile lokhu emidlalweni ka-Relebohile Mofokeng kwiRoyale Union Saint-Gilloise eBelgium kule sizini.
“Angazi ukuthi umqeqeshi odlule ubengakholelwa yini kuye. Kumele ngihambe nalokho okulungile kimi,” kusho uMosimane.
“Ngimbonile lo mfana edlala kahle emidlalweni yakhe yokugcina emibili…
“Udlale ohlelweni lwe-3-4-3, futhi usebenze njengoNOmbolo 10, nasesandleni sokudla… ashaye amagoli.
“Khumbula sasijwayele ukumbona edlala ophondweni, manje usenguye usenguNombolo 10 kwi-4-2-3-1.
“Lo mfana usikhombisile ukuthi angadlala kwizinhlaka ezihlukene, futhi noma ngabe udlala kuphi, uyawashaya noma awakhe amagoli.
“Kuhle, masiqhubeke naye, usemncane. Ngo-2030 kudingeka sakhe kulesi sisekelo sisinike ithuba. Uyawashaya amagoli eYurophu, kwiligi ephakeme.”
Lokho akukhona ukukhuluma nje. KwiRoyale Union Saint-Gilloise, uMofokeng usenamagoli amathathu emidlalweni emihlanu yeligi.
- FUNDA NALA | UShandu ubuyela e-Arena, uPedersen kweleBucs
Usemncane, uyakwazi ukudlala ezindaweni ezehlukene, futhi uyawashaya namagoli ezingeni eliphezulu.
Umyalezo ka-Pitso Mosimane ngo-Relebohile Mofokeng ulula: uzomethemba futhi aqhubeke nokumnika ithuba.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
