EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou udide abalandeli bePirates ephawula ngekusasa  

Umqeqeshi we-Orlando Pirates owine izindebe ezintathu u-Abdeslam Ouaddou ushiye abalandeli nemibuzo ngekusasa lakhe.

Into ayosho ngemuva kokuthi leli qembu linqobe iBetway Premiership ngoMgqibelo kushiye abalandeli bekhathazekile. 

U-Abdeslam Ouaddou uhole i-Orlando Pirates yanqoba isicoco sayo sokuqala seBetway Premiership eminyakeni engu-14. 

Ubengeza kweseMTN8 neseCarling Knockout azinqobe ngasekuqaleni kwesizini – okwenza zibe ntathu ngesizini eyodwa. 

Kodwa ngesikhathi kunemigubho yokubungaza le mpumelelo, u-Ouaddou uvele wadedela ibohlololo.

“Okwamanje, angikwazi ukuphendula imibuzo ngekusasa lami,” kusho lo mqeqeshi.

“Okuwukuphela kwesifiso sami ukuphumula, ukuchitha isikhathi nomndeni wami bese ngicabanga ngalokho okulandelayo.”

“Lo msebenzi unzima kakhulu. Udinga amandla, isimo senggondo esiqinile nogqozi nsuku zonke,” kuqhuba yena.

U-Abdeslam Ouaddou uncome abaphathi be-Orlando Pirates ngokumeseka ngaso sonke isikhathi.

“Akukhona mayelana nezinkontileka noma imali,” kugcizelela yena. 

“Kudingeka amandla. Udinga amandla okuhola umsebenzi ofana nowePirates ngoba izigidi zabantu zilindele impumelelo kuwe.”

Lo mqeqeshi uveze nokusindwa nayizinto ezishiwo ngaye ezinkundleni zokuxhumana.

“Inkundla yezokuxhumana isiphenduke inkantolo muva nje,” kuqhuba yena. 

“Abantu bayakuhlulela nsuku zonke, ngisho noma bengazi ukuthi kwenzekani phakathi nesonto. 

“Ukuze ubhekane naleyo ngcindezi, udinga amandla nengqondo eqinile.”