Ezintsha

I-AC Milan ihlehliswe yidolo ‘elibi’ kowaseNigeria

Sekuvele ukuthi uBoniface ngeke esafika eSan Siro kule sizini, ngenxa yokuthi udokotela abenelisekanga ngesikhathi bemhlola.

Ukuhlolwa okwengeziwe kwenzeke ngeSonto, kwathi kusihlwa, izingxoxo zaqala nemenja yakhe uDusan Vlahovic.

Nokho ezakamuva ziti leli qembu likhethe ukungaqhubeki nokusayina uBoniface, kanti umqondisi wezemidlalo weBayer Leverkusen uselidubile. 

Lokhu kusho ukuthi sekuphelile – ngeke uBoniface esaya kwi-AC Milan kanti isizathu salokho siyashaqisa. 

Akuyona into entsha ukuthi abadlali bahluleke uma behlowa isimo sempilo, kodwa okukaBoniface kususe izinkulumompikiswano. 

Kuthiwa into ehlehlise i-AC Milan akukhona ukuthi unokulimala kodwa yindlela idolo lakhe elibukeka ngayo ngemuva kokuhlinzwa. 

Idolo lakhe langakwesokudla alibukeki kahle ngenxa yokuhlinzwa kanti yikho lokhu okwenze odokotela be-AC Milan bethi iqembu alihoxe. 

Zibukele nawe leli dolo ukuthi libukeka kanjani ngezansi: