
UNcikazi uveza afuna iPirates ikuqaphe kowe-Orbit
Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, seliveze okumele leli qembu likwenze ukuqinisekisa ukuthi liwaqoqa wonke amaphuzu emdlalweni olandelayo.
IPirates izokwamukela omakoti beBetway Premiership, i-Orbit College e-Orlando Stadium ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Kuzobe kungokokuqala lamaqembu edlala umdlalo weligi kanti agcinana kudala ngesikhathi i-Orbit igila iPirates iyishaya ngo 4-1 emdlalweni weNedbank Cup.
Ngokubona kukaNcikazi, into ezosiza iPirates kulo mdlalo wukuthi bengalibheki igama leqembu abadlala nalo, kodwa izikhandle njengakweminye imidlalo.
“Okubalulekile ngemidlalo efana nalona wukuwubuka ngeso lokubheka la imbangi ibukhali nala intekenteke khona,” kusho uNcikazi.
“Uma sewukwenzile lokho bese ususa igama lembangi ngoba ubungozi bokudlala lolu hlobo lwemidlalo wukucabanga ukuthi ngeke ube nobunzima.”
UNcikazi uthi ukubheka igama kwenza kube nokuleya iqembu bese likujikela esiswini njengotshwala.
Uveze nokuthi ngokwabadlali, i-Orbit inabo abanamava abangase babathwalise ubungozi ngakho akumele babathathe ngokuthi bayiqembu elisha futhi elincane.
“Bayiqembu elinamava amahle… Bheka oLetsie Koapeng, uTshepo Matsemela nonozinti lo waseLesotho (uSekhoane Moerane) ovimba eqenjini lesizwe.
“Ngakhoke, okokuqala okubalulekile okuzomele sikwenze wukuthi sidlale ngendlela yethu ukuze siqoqe amaphuzu amathathu enkundleni yethu yasekhaya.”
FUNDA NALA | I-AC Milan ihlehliswe yidolo kowaseNigeria
IPirates iyawadinga ngampela amaphuzu aphelele ukuze ingasaleli emuva kakhulu emaqenjini aphambili emjahweni weligi.
Kuze kube manje leli qembu lika-Abdeslam Ouaddou lisenemaphuzu amathathu kuphela ngemuva kwemidlalo emithathu yeligi.
Khonamanjalo, umdlali abadlali ababolekiswe yiPirates kwi-Orbit – oMonnapule Saleng noYanga Madiba – ngeke badlale kulo mdlalo.
Lokhu kungenxa yombandela okwinkontileka yokubolekisana onqabela laba badlali ukuthi badlale nePirates kunoma yimuphi umqhudelwano.
