
IPirates iyigile isithembile iCity iwola amaphuzu
I-Orlando Pirates ishaye iDurban City ngo-2-0 kwiBetway Premiership e-Orlando Amstel Arena ngoLwesine ebusuku.
Amagoli esiwombeni sesibili kaLebone Seema noTshepang Moremi aqinisekise amaphuzu amathathu kwiBucs.
Isiwombe sokuqala siphele kungekho magoli, kodwa iPirates ibiphethe ibhola kakhulu futhi yakha amathuba amaningi.
IDurban City yona ibihlelekile emuva futhi ibiyingozi uma ihlasela ngokuzuma.
USipho Chaine uvimbe ibhola ebelibukeka linzima likaGaston Sirino, kanti uNkosinathi Sibisi washweba ethi ubeka iPirates phambili.
I-Orlando Pirates ishaye igoli lokuqala ngomzuzu ka-58. UKabelo Kgosietsile nguyena ophakele uLebone Seema ibhola kade kuyikhona, walingqofela enethini.
UMoremi ube eseshaya elesibili ngomzuzu ka-69, ngemuva kokuphakelwa nguSimphiwe Masilela.
IDurban City izamile ukuguqula umdlalo ngokwenza izinguquko, okubalwa kuzo ukungena kukaSamkelo Maseko esikhundleni sikaSirino.
Nokho, ayikwazanga ukuthola indlela yokubuyela emdlalweni.
I-Orlando Pirates ilawule umdlalo kahle ngemuva kokuhola ngo-2-0 futhi yaqinisekisa ukunqoba kwayo kwesine kwiligi kule sizini.
- FUNDA NALA | ULeon uveza okwamletha kwiDowns
Lo mphumela ushiye iPirates isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-16 emidlalweni eyisithupha.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
