
Kugwetshwe umqeqeshi ngawokunukubeza izingane abezicija
Umqeqeshi obenesikhungo sokuthuthukisa amakhono abadlali abasebancane ugwetshwe iminyaka engu-15 edonsa ejele.
Lokhu kungemuva kokuthi lo mqeqeshi, u-Edwin Sipho Soko, oneminyaka engu-43, etholakale enamacala okunukubeza, ukuxhaphaza izingane ezintathu.
Lezi zingane bezineminyaka eyisishiyagalombili, engu-11 nengu-13 ngesikhathi kwenzeka lezi zigameko phakathi kukaSepthemba no-Okthoba 2023.
Umqeqeshi lona ugwetshwe yi-eMalahleni Regional Court iminyaka emihlanu ngecala ngalinye emaqenjini amathathu abebhekene nawo.
USoko ubengumqeqeshi kusukela ngo-2000 futhi ubephethe iqembu lakhe ebelinabadlali ababalelwa ku-60.
Umphakathi ubemethemba. Wayethenge itekisi ukuze ahambise izingane, kanti wayebhekwa njengomuntu osiza abafana ukuthi bangahlali emigwaqweni futhi bangangeni ezidakamizweni.
Izisulu nazo bezimthanda futhi zimethemba njengomqeqeshi wazo.
Nokho, inkantolo ithole ukuthi uSoko wasebenzisa lokho kwethenjwa ukuze afez eizinhloso zakhe ezonakele.
Lezi zingane zishiyeleke nezinkinga ezinkulu ezingokomzwelo nezingokwengqondo, okuhlanganisa intukuthelo, izinkinga esikoleni nokulahlekelwa yithemba kubantu abadala.
USoko ubewaphikile wonke amacala abebekwe wona, wathi lezi zingane bezingekho ngisho eqenjini lakhe.
Inkantolo iphinde yaphawula ukuthi akazange abonise ukuzisola ngezenzo zakhe.
USoko wayenecala elilodwa langaphambilini lokushayela engenazo izincwadi zokushayela.
- FUNDA NALA | USebelebele uthi akunangane uma iBucs isisenkundleni
Imantshi igcizelele amalungelo ezingane ngaphansi koMthethosisekelo, ikakhulukazi ilungelo lesithunzi nokuvikelwa ekuhlukunyezweni.
USoko usefakwe kwiNational Register for Sex Offenders futhi uvinjelwe ukusebenza nezingane esikhathini esizayo.
Uphinde wamenyezelwa njengomuntu ongafanele ukuba nesibhamu.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
