
ULeón udalula okumhehe kwiSundowns, nangenselelo ye-Al-Ahli
U-Brayan León akazange ajoyine iMamelodi Sundowns ngenxa yokufuna ukudlala kwenye iligi kuphela.
Uthi wakhangwa yizinkundla ezinkulu nezinga eliphezulu iqembu elihlale lidlala kuzo.
Ukuveze lokhu ekhuluma kwiRadio 2000 ngaphambi komdlalo weFIFA Intercontinental Cup ne-Al-Ahli Saudi ngoMgqibelo eLoftus Stadium.
Lo mgadli waseColombia uveze ukuthi indlela iSundowns ebhekana ngayo namaqembu aphambili emhlabeni yaba ngesinye sezizathu ezenza ashiye i-Independiente Medellín ngoJanuwari.
ULeón usevele ukhombisile ukuthi kungani afika eChloorkop. Emidlalweni engu-25 kwiBetway Premiership neCAF Champions League, useshaye amagoli angu-15.
Amagoli amahlanu kulawa uwashaye kwiChampions League, okuhlanganisa nelilodwa emlenzeni ngamunye emidlalo eyandulela owamanqamu lapho iSundowns yehlula khona i-Espérance.
Lokho kwasiza iSundowns ukuthi inqobe isicoco sayo sokuqala sase-Afrika eminyakeni eyishumi.
IClub World Cup nayo la iMamelodi Sundowns yenza kahle yaba yisinyathelo sokugcina esanqoba u-Bryan León.
“Impela ngesinye sezizathu leso, futhi wonke umuntu useyayazi iSundowns ngemuva kokuthi iye kwiClub World Cup,” kusho uLeón.
“Indlela eyadlala ngayo ibhekene neBorussia Dortmund neFluminense, yenza kwabonakala ukuthi leli yiqembu elisezingeni eliphezulu.
“Lokho kukodwa bekukhombisa indlela ikilabhu ebheke kuyo, nokuthi mina ngibe yingxenye yeqembu futhi ngilisize linqobe iChampions League.”
Manje sekulindeleke esinye isivivinyo esikhulu njengoba iSundowns izobhekana ne-Al-Ahli.
Ukaputeni uRonwen Williams usevele ukuvezile ukuthi bafuna ukufika kowamanqamu la bezobhekana khona neParis Saint-Germain.
Kodwa u-Bryan León uthi umdlalo ne-Al-Ahli uzoba sezingeni elihlukile futhi yiwo ukhiye ozovulela iMamelodi Sundowns indlela eya kowamanqamu.
“Leli elinye izinga lokuba ngompetha base-Afrika. Manje sesizodlala nabanye ompetha bamanye amazwekazi futhi kusezingeni eliphezulu,” kusho yena.
- FUNDA NALA | UMosimane uveza akubheke kuMofokeng kwiBafana
“Lona umdlalo osezingeni eliphezulu engizowudlala. Ompetha bebhekene nabanye ompetha bamazwekazi.
“Uzoba sezingeni eliphezulu kakhulu engake ngadlala kulo futhi sengikulungele ukubhekana nalo mdlalo.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
