
URele Mofokeng usesheshe wamthola ozovala esikaNkota
Isihlabani se-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng usethole umlingani omusha ngisho nangaphambi kokuba umngani wakhe uMohau Nkota ashiye eqenjini.
UNkota – obengumngani enkundleni nangaphandle noMofokeng – usethathwe yiqembu laseSaudi Arabia i-Ettifaq FC.
URele Mofokeng usevale isikhala sakhe ngo-Oswin Appollis njengoba sebeqalile ukukhombisa ukuzwana nokkutholana kahle enkundleni – sebethole nesiteketiso esithi bangama-‘Terrible Twins’.
Ukutholana kwabo kubonakale ngesikhathi iPirates ibambana ngo 1-1 nompetha baseCyprus, iPafos FC emdlalweni wobungani ngeSonto.
Laba bobabili babe nomnyakazo omuhle wokuhlasela ophethe ngegoli lokulinganisa lePirates eMarbella Football Centre, eSpain.
URele Mofokeng uthole elihle ibhola – elicwenge izitobha zePafos – lisuka ku-Oswin Appolis.
Ube esejika isitobha ebesiseduze kwakhe wabe eselishaya ngobuchule ngonyawo lwesinxele, layogaxela enethini.
“Kusize ukungatatazeli,” kusho uMofokeng kwabeSuperSport ebuzwa ngaleli goli ngemuva kwalo mdlalo.
“Bengicabanga ukuligoba nami, kodwa ngabe sengisibona isitobha ukuthi sesikubonile engifuna ukukwenza. Ngibe sengiligqula laya phambili…
“Bengazi ukuthi uma eke nje wangithinta, kuzoba yiphenathi. U-Appollis unginikeze iphasi enhle kakhulu. Yenze kwaba lula kimi.”
U-Appollis, odlale wonke umdlalo futhi ebukeka ebukhali, ube esechaza ngale phasi yakhe.
“Ngibone uRele esevele enyakaza,” kusho yena. “Beku negebe phakathi komdlali wasemuva kwesokunxele nowamaphakathi…
“Ngibonile ukuthi uma ngiliphakamisa ngeke lisebenze, ngakho ngalidlale phansi, khona kanye kuleso sikhala abebesivulile.”
- FUNDA NALA | Izimbangi zase-Austria zisha amashushu ngoweSekhukhune
Lo mnyakazo wobuchule obuncomekayo ukhombise ubuhlakani nobukhali babo bobabili laba badlali.
Futhi sibe yisithembiso kubalandeli ngokumele bakulindele kule sizini ezayo kulezi zihlabani zeBafana Bafana.
Njengoba iPirates ibheke ukwenza kahle emiqhudelwaneni yakuleli nowezwekazi, uRele Mofokeng no-Appollis babukeka bezoba wukhiye wakho konke.
