EzintshaKaizer Chiefs

U-Inacio uchaza eyenhlonipho anayo ngo‘madala’ weChiefs

Lo mdlali odabuka e-Angola – ongukaputeni weChiefs – wenze obekungalindelekile emdlalweni odlule waleli qembu.

UKwinika wangena esuka ebhentshini kulandela ukulimala kuka-Aden McCarthy. U-Inacio wabe esegijima eya kuye wafike wamnika ibhande lobukaputeni. 

Lokhu kwakungeyona impoqo ngoba u-Inacio nguye ukaputeni weqembu bese uKwinika abe yiphini lakhe. 

“Ngesikhathi ngikhuluma ngokudlule, ngakusho lokhu, futhi ngizohlale ngikusho ukuthi uZitha kimi ungumadala wethu (ulisho ngesiZulu elikamadala). 

“Uma ngikhuluma iqiniso nje, kimi uZitha nguye ukaputeni wethu,” kuchaza u-Inacio ekhuluma nabenzindaba ngoMsombuluko. 

“Lokho angikusho ngoba ngibona amakhamera, yinto esuka ngaphakathi. Bekungenamyalelo wokuthi nginikeze uZitha ibhande, kodwa ngibona engekho omunye umdlali elimfanele ukwedlula yena. 

“Ungumuntu olungile. Ungumholi omuhle esihlezi sikhala kuye. Futhi mina ngimbuka ngokuthi unomlando omude eqenjini ngakho ngiyakuhlonipha lokho.”

Uqhube wathi uKwinika ngumdlali oyisibonelo esihle eqenjini ngoba uhlezi eyinto eyodwa – edlala noma engadlali. 

“Mina ngimtatha njengomuntu engingafunda lukhulu kuye. Angilazi iqembu elizodlala ngoLwesithathu, kodwa uma uZitha eqala, ngizomnika ibhande.” 

IChiefs izokwamukela iMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku. 

Izobe ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wayo omuhle njengoba isayinqobe yonke imidlalo yayo yeligi –  okuyenza ibe sendaweni yesibili kwilogi. 

Nokho kuzomele izibambe ziqine kwazise iSundowns izobe ibheke ukugeza igama kulandela ukushywa kwayo yi-Orlando Pirates kwiMTN8 ngempelasonto.