
UMyeni nemibuzo ebucayi ngo-Ouaddou kwiPirates
Owayengumdlali we-Orlando Pirates, uSifiso Myeni usephakamise ukukhathazeka ngendlela umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou akhuluma ngayo ngabadlali bakhe.
UMyeni uthi amazwi ka-Ouaddou ngemuva kokubambana ngo-1-1 naMaZulu FC angase athumele umyalezo ongemuhle eqenjini.
Lo mqeqeshi ugxeke abanye babadlali bakhe, wathi kumele “bavuke” ngemuva kokuhluleka ukunqoba lo mdlalo.
UMyeni ukholwa ukuthi bekunendlela engcono yokuthi u-Ouaddou adlulise lo myalezo wakhe.
“Ngikhathazekile kancane ngamazwi omqeqeshi ngemuva komdlalo, ikakhulukazi ngalokho akusho phambi kwamakhamera,” kusho uMyeni.
“Uthe ufuna abadlali bavuke. Uma efuna bavuke, ngicabanga ukuthi ikhona indlela engcono yokwenza lokho.”
U-Sifiso Myeni uthi u-Abdeslam Ouaddou bekufanele axoxe nabadlali egnjini lokushintshela kunokuba akhulume ngalolu daba esidlangalaleni.
Uthi amazwi alo mqeqeshi aseze amshiya nemibuzo engaphendulekile.
“Ngisale nemibuzo. Ingabe umqeqeshi usafuna ukuba khona eqenjini?
Ïngabe ufuna ukuhamba? Noma ukhungatheke ngaleyo ndlela?,” kubuza uMyeni.
UMyeni uphinde waveza ukuthi kungenzeka kube nezinto ezenzeka ngemuva kwamakhethini umphakathi ongazazi.
Uthi uma umqeqeshi egxeka abadlali esidlangalaleni, lokho kungadala ukungezwani ngaphakathi eqenjini.
“Njengomdlali, bengingeke ngikuthathe kahle lokho,” kuqhuba uMyeni.
- FUNDA NALA | UHlungwani ushaya amakhala ngonompempe zisuka nje
Nokho, u-Sifiso Myeni uyavuma ukuthi u-Abdeslam Ouaddou unelungelo lokufuna okungcono kubadlali bakhe ngaso sonke isikhathi.
Ugcizelele ukuthi indlela umyalezo odluliswa ngayo ibalulekile ukuze udaba lungakhuli lube yinkinga enkulu ngaphakathi eqenjini.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
