EzintshaMamelodi SundownsOrlando Pirates

USkhwishi ucacisa ngokujika esangweni kwiPirates, aye eChloorkop

Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uSiyanda ‘Skhwishi’ Ndlovu, usephawule ngendlela eshaqisayo agcine eshintshe endleleni engabe esaya kwi-Orlando Pirates.

UNdlovu waba sematheni ngaphambi kokuqala kwesizini ngemuva kokuvela kokuthi unqabe ukusayina kwiPirates, wabe eseya kwiMamelodi Sundowns.

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala wayeye eGoli ngenhloso yokujoyina iPirates futhi kuthiwa wayeseqede nokuhlolwa kwesimo sempilo.

Kodwa inqubo yathatha izinsuku eziningana futhi izinto zahlala zingacaci. 

Ekugcineni, wabonakala esethushuka eChloorkop, okwashiya abalandeli bePirates kuthi abamudle bamfele.

Ekhuluma kuKhozi FM kuleli sonto, u-Skhwishi uthi nakuba izinto zashintsha ngomzuzu wokugcina akangabe esaya kwi-Orlando Pirates, akazisoli ngesinqumo sokuya kwiSundowns.

Uthi vele yena inhloso yakhe bekuwukudlalela elinye lamaqembu amathathu amakhulu eNingizimu Afrika.

“Ngangisuke ngizojoyina iPirates, ukuthi kwashintsha kanjani? 

“Angazi kodwa ngazithola sengikwiSundowns,” kusho uNdlovu.

“Ngeke ngikutshele kodwa okwenzeka ukuthi umphathi wami kwiGolden Arrows wangitshela ukuthi manje sizosayina neSundowns. 

“Kodwa angazi ukuthi kwenzekani. Ngafika ngoLwesithathu isikhathi saqhubeka kwaze kwaba uMsombuluko izinto zingakaqiniseki, ngagcina sengikwiSundowns.

“Angibanga nankinga ngokwenzeka ngoba ngangifuna ukudlalela elinye lamaqembu amathathu amakhulu.”

U-Skhwishi usebe nesiqalo esigculisayo eChloorkop, futhi usehlaba umxhwele ngemidlalo yakhe, futhi ubonakala eyingxenye ebalulekile yeqembu likaMiguel Cardoso.

Lo mdlali usebonakale emidlalweni eminingi kule sizini, kanti indlela aqale ngayo isikhombise ukuthi akazange avumele isiphithiphithi esenzeka simphazamise.