EzintshaKaizer Chiefs

U-Ertugral nezikabhoqo kwabagxeka uPetersen kwiChiefs

Owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Muhsin Ertugral usephumele obala evikela ukaputeni nonozinti wokuqala waleli qembu, uBrandon Petersen.

U-Ertugral ubatshele ezikabhoqo abagxeka lo nozinti ebhekene nengcindezi enkulu ngemuva kwamaphutha amabi awenze kule sizini.

Wenza iphutha bedlala neGolden Arrows kwiMTN8, iMamelodi Sundowns neRichards Bay kwiBetway Premiership. 

La maphutha asesuse umsindo kanti sekunabalandeli abakhala ngokuthi lo nozinti kumele ake ahlaliswe ebhentshini.

Nokho, u-Muhsin Ertugral ukholwa ukuthi akulungile ukwahlulela u-Brandon Petersen ngenxa yezikhathi ezimbalwa ezinzima.

“Umsebenzi olula ebholeni wukuba nguchwepheshe ngemuva kokwenzeka kwamaphutha,” kubhala u-Ertugral kwi-Instagram wakhe.

“UBrandon ube nokulahlekelwa wumgqigqo. Yebo, kuyinto efanele ukuthi kuxoxwe ngayo. Yebo, wenze amaphutha. Wonke unozinti uyawenza.

“Kodwa manje labo ‘abagxekayo’ banesixazululo esilula: ‘akakhishwe eqenjini’. 

“Kodwa akwamukelekile ukuthi abantu bakwazi ngokushesha kangaka ukuguqula yonke indlela umdlali ayisebenzele ngenxa yezikhathi ezimbalwa ezimbi.

“Ake ngichazele labo ‘abagxekayo’. Ifomu ngeyesikhashana! Izinga, ukuziphatha nokuzikhandla kwakhiwa yiminyaka yokusebenza.”

U-Ertugral ugcizelele ukuthi ukugxekwa kumele kube nobulungiswa, kubhekwe yonke indlela uPetersen asebenze ngayo, hhayi amaphutha kuphela.

“Uma ufuna ukugxeka uBrandon, kwenze ngendlela efanele,” kuqhuba yena. 

“Hlaziya isithombe esiphelele. Bheka imidlalo emihle, imidlalo enzima, ingcindezi anayo, indlela abadlali abaphambi kwakhe abenza ngayo…

“Futhi kubalulekile nokubheka nomthwalo awuthwele eqenjini lilonke.

“Mgxeke uBrandon uma efanelwe ukugxekwa, nakanjani. 

“Kodwa ungawususi wonke umsebenzi wakhe ngenxa yesikhathi esinzima adlula kuso.

“Ifomu ingashintsha njalo. Ikhwalithi ayinyamalali ngobusuku obubodwa. 

“Ngicabanga ukuthi ithimba labaqeqeshi liwubona kahle lo msebenzi onzima elibhekene nawo.

“Nakanjani bazosebenza kuwo. Futhi njengoba ngimazi uBrandon, unengqondo eqinile kakhulu yokuphendula. Futhi uzokwenza lokho!”

U-Muhsin Ertugral unolwazi olude ngo-Brandon Petersen, njengoba eke wasebenza naye ngesikhathi esakhula ebholeni kwi-Ajax Cape Town.