
ULilepo udalula iqiniso ‘ngokushiphelana’ kwakhe neChiefs
U-Glody Lilepo usegcine ephumele obala, waveza ukuthi nebala wahamba seyishiphelene phakathi kwakhe ne-Kaizer Chiefs abesephendule intandokazi yabalandeli kuyo.
Uveze ukuthi into eyaba yisinengiso neyaholela ekutheni agcine eshiyile akukhona ukuthi wabe esethole amadlelo aluhlaza kwenye undawo.
Ukuhamba kwakhe kwabacika abanye abalandeli abebekhala ngokuthi iChiefs yamlanda edlala esigabeni esingaziwa eFrance, yamenza umuntu kodwa wabe eseyidikila uma esenegama.
Nokho uLilepo uthi isisusa senkinga yakhe naMakhosi kwaba wudaba lwemali okuyilo athi lwaba nomthelela omkhulu esinqumweni sakhe sokusuka eNaturena.
Lo mdlali waseDR Congo uthi akavelanaga nje wafuna ukushiya kwiChiefs ngoba efuna imali eningi engxenye.
Uthi wazicelela ukwenyuselwa umholo wakhe ngenxa yokubaluleka kwakhe eqenjini, kodwa washaywa indiva.
“Into engayibeka etafuleni kwaba ukuthi ngifuna ukwenyuselwa umholo,” kusho uLilepo kwiSoccer Laduma.
Uthi wakhuluma noKaizer Motaung Jr. echaza ukuthi kungani ekholelwa ukuthi ufanelwe ukwenyuselwa umholo, kodwa imizamo yakhe yaba yize.
Phakathi nesikhathi sokushiya kwakhe kwi-Kaizer Chiefs, u-Glody Lilepo wasusa ezinkundleni zokuxhumana izithombe zakhe eziningi egqoke imibala yaleli qembu.
Lokhu kwasusa izinsolo zokuthi wayezimisele ukuphoqa leli qembu ukuba limdedele, ekhombisa ukuthi akasathandi ukuhlala kulo.
ULilepo manje usejoyine i-Al Ahly Benghazi yaseLibya ngemuva kwezinyanga ezingu-18 ekwiChiefs, lapho adlale khona imidlalo engu-56 washaya amagoli angu-15.
Uthi isinqumo sakhe sasingesona esokulandela imali kuphela, kodwa wayefuna nokudlala.
- FUNDA NALA | Ubuso obusha kuqala isahluko sikaPitso kwiBafana
Lokhu sekuphendule ukuhamba kwakhe kwaba enye yezindaba ezinkulu eNaturena.
Kodwa manje usephumele obala wachaza uhlangothi lwakhe ngokusobala kubalandeli beChiefs.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
