
UHlungwani nesixwayiso esikhulu ngonompempe
Owayengunompempe wePSL u-Victor Hlungwani useveze ukukhathazeka ngendlela osokusebenza ngayo onompempe zisuka nje kwiBetway Premiership.
UHlungwani uthi sekube namaphutha athile asolisayo emidlalweni yokuqala yesizini.
Nokho, ukholwa ukuthi la maphutha angaba yinto enhle uma ezosiza ukuthi izinkinga zilungiswe kusenesikhathi.
“Akubanga yisiqalo esihle, kodwa mhlawumbe kungcono ukuthi sibone la maphutha kusenesikhathi ukuze alungiswe,” kusho uHlungwani.
Ubekhuluma kwiSport On kwiRadio 2000 ngoLwesine ebusuku l abebizelwe ukuzophawula ngokusebenza konompempe.
Uqhakambise nezigameko ezimbili athi zenzeke emdlalweni weTS Galaxy neMamelodi Sundowns.
UHlungwani uthi kunamagoli amabili kulo mdlalo abebukeka sengathi kungenzeka ukuthi ashaywe abadlali abebesendaweni engabafanele.
“Kukhona amagoli amabili emdlalweni weTS Galaxy neSundowns abebukeka sengathi angama-offside,” kusho yena.
Lokhu sekuphinde kwavusa inkulumo ngesidingo sokusetshenziswa kweVideo Assistant Referee (VAR) ebholeni laseNingizimu Afrika.
U-Victor Hlungwani unethemba lokuthi ukuqeqeshwa ngeVAR kungaqala ngaphambi kokuphela kwesizini ukuze iqale ukusebenza ngesizini ezayo okungenani.
“Siyethemba ukuthi ngaphambi kokuphela kwesizini ukuqeqeshwa ngeVAR kuzobe sekuqalile,” kusho yena.
- FUNDA NALA | Isebenzile iBanyana, isenethuba leNdebe yoMhlaba
Ukusetshenziswa kweVAR kungasiza onompempe ekuthatheni izinqumo ezibalulekile, ikakhulukazi ezigamekweni zamagoli, amaphenathi namakhadi abomvu.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
