
UMohau Nkota uveza isifiso anaso ngale sizini
Umgadli we-Orlando Pirates, uMohau Nkota, ungomunye wabantu abambalwa asebefeze amaphupho abo.
Lo mdlali osemncane wayephupha ngokudlala ezigabeni ezikhokhelayo. Akagcianga ke manje ngokufeza leli phupho.
Kodwa usevele waqala ngokudlala kwelinye lamaqembu amakhulu nahlonishwayo ezweni, i-Orlando Pirates.
Lo mgadli oneminyaka engu-20 ubudala ushiye idolobha lakubo eKimberley eyofuna impumelelo, ezitshele ukuthi akumele ahluleke nangephutha.
Ukuzikhandla kwakhe kube nemiphumela emihle ngesikhathi uMohau Nkota ehlaba umxhwele emaqenjini amancane e-Orlando Pirates.
Uqale ngaphansi kukaMandla Qhogi kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwaba ngaphansi kwengwazi yeqembu uJoseph Makhanya.
Nokho izinto zijike kakhulu empilweni yakhe ngesikhathi umqeqeshi weqembu elikhulu uJose Riveiro emlanda ukuzodlala ngaphansi kwakhe.
Usheshe wangena egiyeni, washaya amagoli amabili emdlalweni wakhe wokuqala weligi bebhekene naMaZulu futhi wathola umklomelo woMdlali oVelele.
“Kwakunengcindezi, kodwa uTshegofatso Mabasa wangikhuthaza. Umama naye wangitshela ukuthi ngizolishaya igoli.
“Lokho kwanginika ukuzethemba,” kusho uNkota engxoxweni abe nayo ne-Orlando Pirates TV.
Nobudlelwano bakhe nozakwabo uRelebohile Mofokeng bebubalulekile ekutheni asheshe ajwayele eqenjini elikhulu.
UMofokeng umxayisile ngezinselelo zokudlala ezingeni eliphezulu, kwiBetway Premiership nasemidlalweni yasezwenikazi.
UMohau Nkota ukhombise ikhono lakhe kwiCaf Champions League, eshaya amanye amagoli amabili emdlalweni wakhe wokuqala bebhekene neCR Belouizdad yase-Algeria.
Naphezu kwemizwa yokuqala ngokudlala ngaphandle kweNingizimu Afrika okokuqala ngqa, wasukuma wazikhombisa kuleli zinga.
Kodwa-ke, lo mgadli osemusha unomuzwa wokuthi unokuningi asangakwenza esigabeni sokugcina sale sizini.
“Ngiqale kahle, kodwa angikenzi okuningi muva nje. Ngiyasiza ukwakha amagoli, kodwa ngidinga ukuwashaya futhi.
“Ukukhahlelela kwami ipali kufanele kuthuthuke kube ngcono kakhulu,” kuvuma lo mfanyana.
Njengoba iPirates izobhekana neMC Alger kuma-quarterfinal eChampions League ngoLwesibili, uNkota unethemba lokuthi uzophinde enze umehluko, asize iqembu lakhe lidlulele phambili.
