Bafana BafanaEzintsha

ICongo yenqabile ukuphendulwa iminqolo yiBafana

Sekuzocacisa imidlalo emibili esele kweyokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations ukuthi ngabe iBafana Bafana iyaya yini eMorocco ngoDisemba. 

Lokhu kulandela ukuthi leli qembu likaHugo Broos lihluleke lancame wukuqedela umsebenzi eCongo. 

IBafana idlale ngokulingana ngo 1-1 neCongo ekuhambeni ngoLwesibili ebusuku, okusho ukuthi indawo yayo ayikaqinisekiswa. 

Ukube beyinqobile, bekuyobe seyiwufezile umsebenzi. Kuke kwabukeka kuzoba njalo njengoba ihambe phambili kuqala kulo mdlalo. 

Kube u-Elias Mokwana obeka iBafana phambili ngomzuzu ka-33 kodwa iCongo yanqaba ukushayelwa ekhaya, uMons Bassouamina eyibuyisela emdlalweni sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini. 

Lokhu kudlala ngokulingana kushiye iBafana isendaweni yesibili, ilandela i-Uganda okuyiyo eqhakele kuGroup K. 

Amaqembu amabili azoqeda phezulu azongena kwi-Afcon. Izinto nokho zisayivuna iBafana ngoba kumele inqobe owodwa kule midlalo eyisalele. 

Izobhekana ne-Uganda ekuhambeni ngoNovemba 10, bese ivala ngeSouth Sudan ekhaya ngoNovemba 18.

Nokho isangangena noma inganqobanga kule midlalo uma iCongo ihlulekile ukushaya i-South Sudan ne-Uganda.