EzintshaOrlando Pirates

UDa Gama uncoma uRele Mofokeng, uveza akufisa ngaye

Eqinisweni nje, u-Da Gama ukholwa ukuthi uRelebohile Mofokeng kufanele ngabe usevele usedlala kumaligi aphezulu ase-Europe njengeyase-England noma eyaseSpain.

URelebohile Mofokeng, oneminyaka engu-20 nje kuphela ubudala, ungomunye wabadlali abavelele kwiPirates kule sizini. 

Ikhono lakhe lokususa indoda phambi kwakhe, ubuhlakani bokubona izikhala uma ephethe ibhola, nekhono lokushaya amagoli kumenza umdlali okhethekile. 

U-Da Gama ugcizelela ukuthi uRelebohile Mofokeng ungumdlali onekhono elifanele ukubonakala ezingeni eliphezulu kakhulu.

“Ngiyabona ukuthi kungekudala uzobe esedlala e-Europe,” kusho uDa Gama ohlabeke umxhwele ngokudlala kukaRele Mofokeng kwiBafana Bafana muva nje.

“Kuhle ukuthi abadlali bethu basheshe baye phesheya kwezilwandle ukuze bakhule ngebhola labo futhi bafunde izindlela zakhona besebancane. 

“Unekhono elikufanele ukudlala e-England noma kwiligi uaseSpan,” kwengeza lo mqeqeshi.

Uthe ubona uMofokeng enza kangcono kakhulu eSpain kunase-England ngenxa yohlobo lomdlali ayilo.

“Ngingathanda ukuthi aye eSpain ngoba unesiphiwo sobuchwepheshe. Ibhola lase-England lidle kakhulu ngamandla nejubane.

“Yingakho abadlali abaningi baseBrazil bechuma kakhulu eSpain ngoba ibhola lakhona lihambisana kahle nesitayela sabo.”

Lo mqeqeshi osemnkantshubomvu ubalule ukuthi ibhola laseNingizimu Afrika livamise ukuhluleka ukuthumela amathalente alo phesheya ngesikhathi esifanele. 

Ukholwa ukuthi uMofokeng unakho konke okudingekayo ukuze aphumelele phesheya kodwa udinga ukuboniswa okufanele ukuze athathe isinyathelo esiyiso.

UDa Gama uphinde wakhuthaza uRelebohile Mofokeng ukuthi ahlale eziphethe kahle futhi angakuvumeli ukunakwa akutholayo ukuthi kuye ekhanda lakhe. 

UMofokeng usevele udonse amehlo ezinhloli ezivela ezingxenyeni ezahlukene zomhlaba ngendlela adlala kahle ngayo kwiDStv Premiership nakwiCaf Champions League. 

Ungumdlali omqoka kwiPirates kule sizini, futhi ulokhu edlala kahle emidlalweni ebalulekile.

Yize esemncane uMofokeng ukhombise ukuvuthwa nokuzethemba okukhulu.