
UNabi uvikela uYusuf Maart osenyamanambana kubalandeli
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usencome ukuqina ngokomqondo kukakaputeni wakhe uYusuf Maart.
Lokhu ukusho komdlalo la uMaart ekwazile ukubuya esengaphansi kwengcindezi ngesikhathi behlulwa yiGolden Arrows ngo 2-1.
Amakhosi abekelwe iphenathi bgasekuqaleni komdlalo ngesikhathi uGlody Lilepo edlaliswa kabi engaphakathi ebhokisini leGolden Arrows.
Yize uMiguel Inacio, ojwayele ukukhahlela amaphenathi ubekhona, kuphakame uYusuf Maart kwaba nguyena ozibeka umthwalo wokukhahlela le phenathi.
Kodwa ibhola lakhe, lashayise ipali qede laphuma eceleni kanti lokhu kumfakele isigcwagcwa kubalandeli abavele iningi labo alimuzwa kahle.
Indlela ahambe kancane ngayo eyoshaya le phenathi yiyo ecike abalandeli ngoba kube ngathi akanamdlandla nje wayo.
Babe sebemhhahhameza isikhashana kodwa wabonakala engabanakile, waqhubeka nokusebenza maphakathi nenkundla.
UYusuf Maart uzihlenge kulolu laka ngokushaya igoli lokulinganisa leKaizer Chiefs ngemuva nje kokuthi i-Arrows ihambe phambili.
Noma esejabulela leli goli akakhombisanga kubadelela njengoba evele wazishayela umdanso nje phambi kwabo.
Abanye abadlali ababhekana nolaka lwabalandeli bayaye babakhombise uphawu lokuthi abavale imilomo uma beqeda kushaya igoli.
Ngaphezu kokuya ekhefini zibambene, Amakhosi aphinde adedela elinye igoli elilula emuva, ahlulwa ngo 2-1 obekungekweshumi kwiligi kule sizini.
Naphezu kwezingxenye zabalandeli ebehhahhameza uMaart, uNabi umvikelile ukaputeni wakhe ngemuva komdlalo.
“Kukhombisa ubuqotho nokuqina kakhe njengomuntu, ngemuva kokugeja iphenathi ukubuyile washaya igoli.
“Lokho wukuqina komqondo esikudingayo,” kusho umqeqeshi waseTunisia osenengcindezi eyengeziwe.
IChiefs ihlezi endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-23 ngemuva kwalo mphumela.
Kodwa bobabili iChippa United enamaphuzu angu-28 ne-Arrows enangu-27 banemidlalo abasilele ngayo emuva.
Uma beyinqoba le midlalo bazogxuma bayede iChiefs bese iphuma kwiTop 8.
Nemidlalo yayo esele ayilula neze. Izozama ukubuyela emgqigqweni wokunqoba uma seyibhekene neTS Galaxy kolandelayo obukeka kwawona unzima.
